Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweDowns ubona bengakayiphethi imbenge ngeseligi yeBetway

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, okholwa wukuthi ezakhe azikaqedi ngesicoco seligi yeBetway Premiership yize isimo sesivuna zona manje ngokwamaphuzu futhi sekukuncane kakhulu okungaziphazamisa

Image: BACKPAGEPIX

YIZE kubukeka kungasensuku zatshwala iMamelodi Sundowns ikhale yemuke nesicoco seligi yeBetway Premiership okwehlandla lesishiyagalombili amasizini elandelana kodwa umqeqeshi waleli qembu, uMiguel Cardoso, ubona ezakhe zingakawuqedi umsebenzi. 

UCardoso ukusho lokhu ngemuva kokuba iSundowns iphinde yavula igebe phakathi kwayo ne-Orlando Pirates, ibhaxabula iRichards Bay FC ngo 3-0  eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.

Ukuguqa kwePirates ngo 1-0 kwiSekhukhune United e-Orlando Stadium, eSoweto, ngalo uLwesithathu, kunike iSundowns elinye ithuba lokuvula igebe ngamaphuzu angu-12 njengoba isiqhwakele kwi-log ngangu-58, iPirates isendaweni yesibili ngangu-46.

Yize eZimnyama zisasalele emuva ngemidlalo emibili ezingakayidlali kodwa ukulahla kwazo  amaphhuzu zishaywa yiSekhukhune, sekuzokwenza kube ngumqansa kuzona ukugudluza amaSandawana esicongweni se-log. 

“Kusezandleni zethu kodwa sisasalelwe yimidlalo emihlanu futhi asikawuqedi umsebenzi ngoba izimbangi zethu azikezukuliphonsa ithawula,” kusho uCardoso.

“Sidinga ukuqoqa amaphuzu. Yebo, ukunqoba kwethu kusandisela amathuba (okuzuza isicoco) kodwa akusho ukuthi kufanele siyeke ukulwa ngale ndlela esilwa ngayo. Sisenemidlalo emihlanu enzima, okubalwa olandelayo esiyowudlala neCape Town (City). Lelo yiqembu elilwayo, elinezinhloso zalo. 

"Ngakho akukho esizokushintsha kule midlalo esisazoyidlala, sizazoqhubeka silwe. Kuphela nje kuzomele sizihloniphe, sihloniphe namanye amaqembu nomqhudelwano esiwudlalelayo, singahuqi ubuthongo.”

AmaSandawana asalelwe imidlalo emihlanu okubalwa kuyo oweCity ekuhambeni, iChippa United ezodlala nayo kabili ekhaya nasekuhambeni, neStellenbosch FC ekhaya.

Adinga amaphuzu ayisithupha kuphela ukuqeda ukuqagela ngesicoco seligi yePremiership, abe yiqembu lokuqala emlandweni wePremier Soccer League (PSL) ukuzuza isicoco seligi amahlandla ayisishiyagalombili amasizini elandelana.  

Azoshukana neCity, ebalekela izembe, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku e-DHL Cape Town Stadium, eKapa.

Ngemuva kokuphetha imbenge kwiPremiership, amaSandawana azodlala owamanqamu eCaf Champions League nePyramids yase-Egypt, ngoMeyi 24 kowomlenze wokuqala ekhaya, nakowomlenze wesibili ngoJuni 1 ekuhambeni.