Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OwoSuthu uhogela ingozi enyonyobela ezakhe nge-Top 8

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI wamaZulu FC, u-Arthur Zwane.

Image: BACKPAGEPIX

YIZE ezakhe kubukeka zisenethuba lokugcina indawo kwi-Top 8 yeBetway Premiership kodwa umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, isalokhu imkhathaze njalo eyokubhala zicisha nokulahla amaphuzu kungenasidingo.

AmaZulu azibeke ethubeni elingcono lokuqeda isizini kwi-Top 8 ngokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni wabakhaya baseThekwini, ngempelasonto, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale. 

Usuthu okumanje lusendaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-33 lusalelwe yimidlalo emibili kuphela ukusonga isizini, okuyimidlalo emibili yasekhaya. 

Luzodlala nePolokwane City ngoLwesihlanu, ngo-7.30 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. 

Bese luvala isizini ngomunye umdlalo wasekhaya ne-Orlando Pirates ngoMeyi 24, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

“Uma ubheka umdlalo esahlulwa kuwo yiChippa (United) sawuphatha uqala waze wayophela, sakha amathuba kodwa sagcina singenelwa ngamagoli amabili sashaywa. Kwaba yinto efanayo nangenkathi sishaywa yi-TS Galaxy. Ibilokhu ingikhathaza, futhi isangikhathaza namanje le nto yokulokhu sibhala sicisha," kusho uZwane.

Uma ungathatha indlela esidlale ngayo nesikhombise ukuzinikela ngayo kweminye imidlalo yakamuva esiyidlalile singenza kangcono emidlalweni yethu elandelayo ngoba kwesinye isikhathi udinga ukuzakhela wena inhlanhla.” 

Lo mqeqeshi usekhathazwa nawukuthi ezakhe sekufanele zithembele kwamanye amaqembu ukuze zikwazi ukufeza umgomo wazo. 

“Uma usebenza kanzima uzimisela, nakanjani uzokwenza kahle. Kodwa manje sesiphila ngokuzisola. Manje sesisalelwe yimidlalo emibili futhi sesethembele kwabanye abantu ukuthi bashaywe ukuze sikwazi ukuqhubeka nokuhlala kahle kwi-log," uqhube kanje.

"Akuzukuba lula ukufinyelela ku-Top 4 ngoba yonke le midlalo esisalele ayizukuba lula. Njengoba kuyithi esesidlale imidlalo eminingi nesesisalelwe yimidlalo embalwa, lokho kusifakela ingcindezi.”

Nakuba uZwane ekhuluma ngokuqeda phakathi kwamaqembu amane aphezulu kodwa kubukeka osekumqoka kakhulu oSuthwini kule midlalo esele sekuwugcina indawo kwi-Top 8 phezu kokuba umengameli waleli qembu, uSandile Zungu akubeka akubeka kwacaca ukuthi ufuna ukulibona liqeda libalwa namane aphezulu.