UMGIJIMI, uJenet Mbhele, osanda kubuyela ekilabhini yakhe Umzikhulu Striders noveza ukuthi useqalile ukuzicijela ukuyoyibamba kwIComrades
Image: JENET FACEBOOK
UMGIJIMI wamabanga amade, uJenet Mbhele, yize engakabi naso isiqiniseko sokugijima iPrince Mangosuthu Ultra Marathon kodwa nakanjani uzoyibamba ishisa kwiComrades Marathon okuwuwona mjaho asha amashushu ngokukhipha unyawo kuwona.
UMbhele (30) ongomunye wabagijimi besifazane baseNingizimu Afrika abenza kahle emijahweni yamabanga amade, njengoba esanda kwehlukana ne-Xcel Running Club okuyikilabhu agqame kakhulu kuyona ngemuva kokuyijoyina eminyakeni emithathu edlule.
Usebuyele ekilabhini yakhe endala, Umzimkhulu Striders, okuyiyona aziqeqesha nayo manje ukulungiselela eminye imijaho ezayo asazoyigijima nonyaka.
Akagijimanga kwi-Totalsports Two Oceans Marathon obekulindeleke ayigijime ngo-Ephreli 5, eKapa, njengoba ethathe indawo yesine ebangeni lika-56km kwabesifazane ngesikhathi esingu-3:41:08 eyigijima okokuqala.
IComrades yanonyaka ezogijinywa ngoJuni 8, kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini, isinqotshwe nguGerda Steyn iminyaka ilandelana ngo-2023 no-2024.
“Ngenkathi ngithatha isinqumo sokubuyela ekilabhini yami endala, Umzimkhulu Striders, bengingekho qatha ngokwanele ngakho bengingakulungele ukuyogijima kwi-Two Oceans.
Nokho kusukela ngiqalile ukuziqeqesha nekilabhu yami entsha konke kuhamba kahle, futhi ngiyazizwa ngibuyela efomini yami.
Kodwa ngisazosebenza kanzima, ngize ngifinyelele kuleli zinga engihlose ukufinyelela kulo ukuze kushaye isikhathi somjaho engihlose ukuwungenela ngibe sengimi ngomumo,” kusho uMbhele waseMzimkhulu.
Ngonyaka odlule, uMbhele uthathe indawo yesishiyagalombili kwiComrades Marathon ngesikhathi esingu-6:16:54, ekhombisa ukudlondlobala kwazise ngo-2023 wayethathe indawo yeshumi.
Lokhu kumenze waqopha umlando ngokuba ngumgijimi wesifazane wokuqala webala elimnyama ukuzuza indondo yegolide iminyaka ilandelana emilandweni walo mjaho kusukela ngo-1975, okungunyaka okwaqala ngawo ukuvunyelwa kwabagijimi besifazane ukuwugijima.
“Yize ngingakabi naso isiqiniseko ngokugijima iPrince Mangosuthu kodwa ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi nakanjani ngizoyigijima iComrades Marathon uma ngingaphazanyiswanga wukulimala, okuyiwona mjaho engizimisele kakhulu ngokwenza kahle kuwona.
"Njengoba ngisaqhubeka nokuziqeqesha, sisazothatha isinqumo ngaphambi kokuphela kwesonto nomqeqeshi wami, uThamsanqa Khuboni, ukuthi ngizoyigijima yini iPrince Mangosuthu,” kuqhuba uMbhele owathatha isibili kwiPrince Mangosuthu ngo-2023, kodwa akangayingenela nyakenye.
IPrince Mangosuthu Marathon yakulo nyaka yebanga lika-52km, ehambisana namabanga ka-21km no-10km, izoba ngo-Ephreli 27. Izosuka eNquthu iyophelela eDundee.
Related Topics: