USIYABONGA Mafuleka odle umhlanganiso kwiBest of the Best Marathon ngoMashi, ungomunye wabagijimi ababhekiwe kwiPrince Mangosuthu Marathon ngeSonto
Image: SIBUSISO MDLALOSE
KUBHEKWE abagijimi baKwaZulu-Natal emjahweni wanonyaka iPrince Mangosuthu Ultra Marathon yebanga lika-52km kulandela ukuhoxa kukampetha wanyakenye odle umhlanganiso kulo mjaho.
ULekhotla Pulinyana waseLesotho odle umhlanganiso kwiPrince Mangosuthu nyakenye ngesikhathi esingu-3:01:00, ngeke eze emjahweni wakulo nyaka ukuzovikela isicoco sakhe njengoba kuvela ukuthi uzicijela iComrades Marathon yebanga lika-85.9km azoyigijima ngoJuni 8.
UPulinyana weMaxed Elite olale endaweni yesishiyagalombili kwiTotalsports Two Oceans yebanga lika-56km ngo-Ephreli 5, eKapa, ukuhoxa kwakhe kwiPrince Mangosuthu yakulo nyaka kusho ukuthi sekuzobhekwa kakhulu uSiboniso Sikhakhane, Ayanda Ngcobo noSiyabonga Mafuleka ekudleni ubhedu kulo mjaho.
Umjaho wakulo nyaka ozokube uhambisana namabanga ka-21km no-10km, uzoba ngeSonto, usuka eNquthu uyophelela eDundee.
Okwenza uSikhakhane, uNgcobo noMafuleka bathwalwe ngeqoma kwiPrince Mangosuthu yanonyaka, wukwenza kahle kwabo emijahweni yakamuva ngokwehlukana kwayo.
USikhakhane we-Entsika Athletics Club olale isine kwiPrince Mangosuthu nyakenye, uza kowakulo nyaka enokuzethemba njengoba enze kahle kwiTwo Oceans elala isibili ngemuva kuKhoarahlane Seutlaoli waseLesotho odle ubhedu kulo mjaho waseKapa.
Ngaphambi kokuza kwakhe kwiTwo Oceans ubesanda kugijima kwiFNB Kazungula Bridge Marathon yebanga lika-42.2km, eBotswana, lapho elale khona isikhombisa.
UNgcobo we-Xcel Running Club olale isibili kwiPrince Mangosuthu nyakenye, udle umhlanganiso kwiHillcrest Marathon yebanga lika-42km, eThekwini, ngoFebhuwari. Ube eselala isibili kwiBest of the Best Marathon yebanga lika-42km ngoMashi 2, eThekwini.
Ngakolunye uhlangothi uMafuleka uza kwiPrince Mangosuthu ehambela phezulu kulandela ukudla ubhedu kwiBest of the Best ngesikhathi esingu-2:24:05.
Ngaphambi kokudla umhlanganiso kwiBest of the Best ubedle umhlanganiso kwiRichards Bay Minerals Marathon ebangeni lika-21km.
Kwabesifazane kubhekwe uLoveness Madziva waseZimbabwe, uMargaret Jepchumba waseKenya, noMsawenkosi Nsibande weNedbank Running Club.
UShelmith Muruik waseKenya odle umhlanganiso nyakenye ngesikhathi esingu-3:18:55, angeke ayingenele iPrince Mangosuthu yakulo nyaka.
Emjahweni wakulo nyaka abagijimi abazoba yingxenye yawo bazohlukaniselana isamba sika-R750 00. Abashaye intambo kuqala bazohlomula ngo-R150 000 kwabesifazane nabesilisa ebangeni lika-52km.
Related Topics: