ISITOBHA nokaputeni waMaZulu FC, uRamahlwe Mphahlele oxinwe nguKhomotjo Lekoloane weStellenbosch FC, ungomunye wabadlali basemuva baleli qembu ababhekene nenselelo yokulwela ukugwema amaphutha angenasidingo
Image: BACKPAGEPIX
UPHINDE wakhala esifanayo ngokuzenzela phansi kweqembu lakhe umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, ngemuva kokulahla amaphuzu beguqiswa yiStellenbosch FC ngo 1-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.
Igoli leStellenbosch lingene ngesiwombe sokuqala lishaywa nguSanele Barns kade kuyikhona, eqedela ibhola engamakwe muntu elekelelwa nawumoya obuvunguza ngamandla kule nkundla yaseStellenbosch.
Kulo mdlalo AmaZulu awatholile amathuba okushaya amagoli abengenza akwazi ukuthola igoli lokulinganisa nelokunqoba imbala, kodwa ehluleka ukuwasebenzisa, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.
UZwane usezwakalise izikhathi eziningana ukukhathazeka kwakhe ngendlela abadlali bakhe basemuva abenza ngayo amaphutha agcina eholele ekulahleni kwaleli qembu amaphuzu kungenasidingo.
“Bekumele senze kangcono ekuvimbeni leliya bhola eligcine liyigoli. Ngesinye isikhathi sishaywa ukungenzi okufanele uma sesifika phambili.
Ngesiwombe sesibili bese kumele siphushe siye phambili. Nakhona amathuba esiwatholile asiwasebenzisanga ngendlela.
Sinabadlali abasheshayo uma siya phambili ngakho kusuke kungenzeka noma yini. Besingashaya igoli siphinde sishaye elesibili, sinqobe umdlalo. Besilokhu sizilimaza thina ngamagoli amaningi esiwadedelile emidlalweni eyedlule,” kusho uZwane.
AmaZulu asededele amagoli angu-33 emidlalweni engu-26 kule sizini, alandela iMarumo Gallants esidedele angu-35 kwengu-24, okuyinkomba yobuthaka odongeni lwawo lwasemuva.
Yize Usuthu lusahlezi endaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership kodwa ukukhathazeka kukaZwane kufanele njengoba ukuqhubeka kwalo nokuhluleka ukugcina umgqigqo nokulahla amaphuzu emidlalweni emqoka, kulubeka engcupheni yokuphuma emshungwini wamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log nasethubeni lokuzibekisela indawo kwiMTN 8 ngesizini ezayo.
Lokhu kusho ukuthi imiphumela yemidlalo yangoMgqiebelo ethinta iKaizer Chiefs neChippa United, neLamontville Golden Arrows neMarumo Gallants, ingase ibeke engcupheni indawo yoSuthu kwi-Top 8.
Amakhosi esendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-30, ukunqoba kwawo kwiChippa kungawabeka emaphuzini angu-33 ngokulinganayo noSuthu olunamaphuzu angu-33.
Kube ngesifanayo ukunqoba kwaBafana Bes’thende kwiGallants, okungababeka emaphuzwini angu-31 okusho ukusondela ekugudluzeni Usuthu kwiTop 8.
Kanti-ke futhi nokuphucwa amaphuzu okulindeleke ukuba kwenzeke oSuthwini nakwamanye amaqembu athole amaphuzu kwiRoyal AM esixoshiwe kwiPremiership, nakho kungase kube nomthelela kuleli qembu eliqeqeshwa nguZwane obhekene nomsebenzi wokufaka leli qembu kwiTop 8 okokuqala ngemuva kwamasizini amabili kusukela ngesizini ka-2021/22.
Usuthu luzobuyela ensimini ngomdlalo wabakhaya baseThekwini naBafana Bes’thende ngo-Ephreli 27, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.