INKAKHA yeKaizer Chiefs, uDerrick Spencer, ifuna leli qembu lingabe lisawulahla umgqigqo emidlalweni emibili yabakhaya ne-Orlando Pirates.
Image: BAKONEPIX
OMUNYE wabadlali abangena bagxila ezinhliziyweni zabalandeli beKaizer Chiefs ngesikhathi esadlala kuyona, uDerrick Spencer, ukhumbuze abamanje ngobumqoka bokuqhubeka lapho begcine khona kodlule uma sebebhekene nezimbangi zabo ezinkulu amahlandla amabili ngenyanga ezayo.
IChiefs ibuyise ukuzethemba kubalandeli bayo ngempelasonto edlule ngesikhathi yenza obekungalindelekile ikhipha iMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Lokhu kuvuse naMakhosi abeselahle ithemba ngeqembu lawo ngoba bekungagcini ngokukhiphela ngaphandle kweNedbank ompetha beligi kepha bekuwaqhatha nePirates kowamanqamu wayo.
Ngaphambi kokushukana eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kowamanqamu we-Ke Yona ngoMeyi 10, iChiefs nePirates bazoqala babange amaphuzu koweBetway Premiership e-FNB Stadium, eSoweto, ngoMeyi 3.
USpencer ubeyisimenywa emcimbini wokwethula ngokusemthethweni umkhankaso wakwaSuperSportBet owaziwa ngeleSta’Playa ozowinisa umlandeli oyedwa walezi zinkuzi indlu enayo yonke impahla ngaphakathi.
Lo muzi ozowinwa useSoweto okuyilapho kwaqala khona ubumbangi beChiefs nePirates eminyakeni ecela kwengu-50 edlule.
Lesi sitobha sakudala saMakhosi sitshele Isolezwe ukuthi umfutho ohamba neChiefs kulandela ukunqoba kwiSundowns kufanele kusebenze wona nakule midlalo yabakhaya emibili ezayo.
“Kusemqoka ukuthi iChiefs ingalokothi idedele umgqigqo ukuze ifike kule midlalo emibili nePirates ihambela phezulu ngenxa yokuzethemba,” kusho uSpencer.
“Injabulo ekhona ezweni ngenxa yomphumela weSundowns kufanele ifane nesikhuthazi kubadlali iphinde ibakhombise ukuthi leli qembu limqoka kangakanani.
“Awukho umdlalo omqoka ngaphezulu kwale emibili ezayo phakathi kweChiefs nePirates, yingakho ngifuna ukukusho kugcwale umlomo ukuthi leli yithuba leChiefs lokwesula abalandeli izinyembezi ngokuqeda kwi-Top 8 iphinde ivale umkhokha wokuphikwa yizinkomishi kule midlalo eyishumi edlule.
“Ngiyazi ukuthi kunzima kangakanani ukuba yingxenye yomdlalo wabakhaya baseSoweto, ngakho-ke ngiyazicelela kubadlali bamanje beChiefs ukuba bangaliyeki leli thuba ngoba vele iqembu labo lisebenza ngayo inhlanhla,” kusho uSpencer.
ISta’Playa izoqala ukusebenza ngo-Ephreli 28 kwi-app yeSuperSportBet.
Related Topics: