Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

URiveiro akafuni ukuyifaka ekhanda eyerekhodi leNedbank Cup

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, okubukeka engakufakile ekhanda ukuthi usethubeni lokuqopha irekhodi elisha ngokuba ngumqeqeshi wokuqala kwiPremier Soccer League ukunqoba iNedbank Cup amahlandla amathathu amasizini elandelana

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, yize ekuqonda ukubaluleka komlando angase awuqophe ngokunqobela leli qembu indebe yeNedbank Cup okwehlandla lesithathu amasizini elandelana, kodwa kubukeka kungeyona into ayifake ekhanda.

IPirates iguqise iMarumo Gallants ngo 1-0 kowandulela owamanqamu eNedbank Cup ngeSonto. Manje izotholana phezulu nezimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs kowamanqamu alo mqhudelwano ngoMeyi 10, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

URiveiro okuyisizini yakhe yokugcina le eqeqesha kweZimnyama, usethubeni lokuziqophela umlando ngokuba ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba indebe yeNedbank okwehlandla lesithathu amasizini elandelana. Uyinqobe ngesizini ka-2022/23 neka-2023/24.

“Yebo ngiyakuqonda ukubaluleka kwerekhodi (leNedbank). Leli elinye irekhodi esesiliqophile (le-MTN 8) seliwumlando, esesikubhekile manje ngowamanqamu olandelayo wale ndebe esizoyidlala.

Sisemdlalweni (webhola) siyaqhubeka nokudlala, futhi sifuna okungaphezulu kwesesikuzuzile ngoba uma siya kowamanqamu sifike silwele ukunqoba, njengoba senzile kweminye imidlalo yamanqamu esesiyidlalile,” kusho uRiveiro. 

“Ngakho-ke mina siqu sami ukufinyelelela okwesithathu kowamanqamu alo mqhudelwano nokuwunqoba, angikuthathi njengesibopho kodwa ngikuthatha njengomsebenzi wami engiqashelwe wona njengomqeqeshi, okungunqobela iqembu izindebe.”

Lo mqeqeshi, osanda kumemezela ukuthi uyashiya kuleli qembu ekupheleni kwale sizini esisongwa, usevele uwuqophile umlando ngomqhudelwano i-MTN 8 aseyinqobe amahlandla amathathu iminyaka ilandelana. Lena yinto ebingakaze yenziwe ngomunye umqeqeshi kulo mqhudelwano kusukela ekuqaleni kwawo ngesizini ka-1972 usabizwa nge-BP Top 8.

Ngaphandle kokuba sethubeni lokuqopha umlando ngeNedbank Cup, uRiveiro usenelinye ithuba lokuvalelisa ngesitayela kweZimnyama ngokuzinqobela isicoco seCaf Champions League njengoba sezifinyelele kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano.

Zizotholana phezulu nePyramids yase-Egypt kowomlenze wokuqala weChampions League, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, eFNB Stadium, eGoli. 

Lo mqeqeshi ube esekubalula ukuthi ukufinyelela kwezakhe emidlalweni yamanqamu emihlanu kusukela athatha izintambo kuleli qembu sekulenyuse kakhulu izinga lokuzethemba kubadlali bakhe, nokwenza umsebenzi wakhe nethimba labaqeqeshi ube lula. 

“Uma udlala kahle awudingi ukukhuthazwa, ngakho nami angidingi ukubakhuthaza kakhulu  abadlali bami ngoba ukuzethemba kwabo kubenza baye emdlalweni benokuzinikela okufanayo kunanoma yimuphi umqhudelwano esiwudlalayo.”