Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ziwu-1000 izikhala ezisavulekile zemingenelo kubagijimi beComrades

Sibusiso Mdlalose|Published

IZINKULUNGWANE zabagjimi beComrades Marathon abasenethuba lokubhalisela ukubamba iqhaza kulo mjaho ozosuka eMgungundlovu ubheke eThekwini ngoJuni ka-2025 njengoba seyiqalile imingenelo Isithombe: SHELLEY KJONSTAD

USIKO Mpilo. Lesi yisiqubulo sabadididyeli beComrades Marathon (CMA) abakhuthaza ngaso abazimisele ukubhalisa kulo mjaho waminyaka yonke webanga lika-87.7km. Ngonyaka ozayo uzobe ugijinywa kwehliwa kusukwa eMgungundlovu, kuyiwa eThekwini ngoJuni 5 ka-2025.

Abe-CMA sebememezele ukuthi ingaphezulu kuka-1000 imingenelo yabagijimi esavulelekile yomjaho ozobe ugijinywa okwehlandla lika-98.

“Ungaphuthelwa yithuba lokuba yingxenye yeComrades Marathon ezobe igijinywa okwehlandla lika-49 kwehliwa. Noma ngabe ungumgijimi osenamava noma osafufusa, iComrades ikunika umuzwa ongasoze wawukhohlwa ohambisana nomoya wobuntu.

“Ngakho zibekisele indawo, ujoyine izinkulungwane zabagijimi abaliqhamukisa emhlabeni wonke jikelele,” kusho isitatimende seCMA esithunyelelwe abezindaba.

Abagijimi bangathola imingenelo yabo kwi-website yeComrades Marathon, ethi: www.comrades.com, noma kwi-Comrades App.

Imali yokungenela umjaho ayikashintshi isafana neyango-2023, no-2024.

Imi kanje:

Abagijimi baseNingizimu Afrika: R1 200

Abagijimi basemazweni ase-Afrika: R2 000

Abagijimi basemazweni angaphandle kwe-Afrika: R4 5000