Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Umpetha weComrades uzobonakala koka-10km eThekwini

Sithembiso Mkhize|Published

U-PIET Wiersma, umpetha weComrades Marathon, uzobonakala eyibambe kwiHollywoodbets Durban 10km Marathon ngeSonto Isithombe: BACKPAGEPIX

ZOQHAKAZISWA ukugijinywa nguPiet Wiersma ongumpetha weComrades Marathon, iHollywoodbets Durban 10km ezoba ngeSonto.

Isibhamu sokususa owebanga lika-10km sizoqhuma ngo-7 ekuseni bese owelika-5km uqale ngo-8 ekuseni.

Yomibili izoqala iphinde iphelele eKings Park Outer Fields.

UGeorge Sithole ongumxhumanisi weHollywoodbets AC nomphakathi, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi uWiersma weNedbank Running Club uzogijima ibanga lika-10km.

KwiComrades yalo nyaka, le nsizwa yaseNetherlands, yashaya intambo ngesikhathi esiwu-5:25.00 kade kusukwa eThekwini kubhekwe eMgungundlovu. Ngo-2023, yaphuma isibili ngesiwu-5:14.01.

USithole uveze nokuthi ukhuza ibuya uKabelo Mulaudzi weBoxer Superstores owanqoba nyakenye ngesikhathi esingu-27.59. Uthe uyabuya no-Elroy Gelant owalala isibili ( 28.04) noThabang Mosiako owaphuma endaweni yesithathu (28.07).

Kuzoba khona noPrecious Mashele owanqoba iHollywoodbets Durban 10km ngo-2022.

Abanye abanamagama abazobe bekhona, inyamazane yaseKenya, uGideon Kipngetich, Nico Seoposengwe ophethe irekhodi lika-5km kuleli, Andrias Sesedi owake waba umpetha kazwelonke ku-10km, Chris Mhlanga onesikhathi esiwu-28.24 kuleli banga noTebello Ramakongoana waseLesotho obekuma-Olympic Games, eFrance.

Kukhona nabakhaya bakhe uKamohelo Mofolo osanda kunqoba i-Absa Run Your City Tshwane ngesiwu-28.40 noNamakhoe Nkhasi ophethe irekhodi laleli banga ezweni lakhe.

USithole uthe kwabesifazane kuzoba khona uGlenrose Xaba ophethe irekhodi lakuleli lesikhathi esiwu-31.12, Cacisile Sosibo onesiwu-32.27, Jenet Mbhele ophume eyesishiyagalolunye kwiComrades yakulo nyaka, Blandina Makatisi ophethe irekhodi lika-10km eLesotho, Karabo Mailula, Tadu Nare wase-Ethiopia noNtsoaki Mohlahloe ukusho abambalwa.

Lesi sikhulu siphinde saveza ukuthi abazoshaya intambo bazoklonyeliswa ngo-R37 500. Ngaphezu kwalokhu, abagijimi bakuleli abazophula amarekhodi bazogixatshezwa ngo-R50 000.

"Lo mjaho ukhula ngesivinini. Ubufakazi balokhu wukungenelwa kwawo ngabasubathi bezinga eliphezulu emhlabeni. Silindele umjaho ozoshesha ngendlela eyisimanga. Silindele ukuthi amarekhodi aphuke. Ngalo mklomelo ka-R50 000 siqonde ukugqugquzela abasubathi bakithi ukuthi benze izikhathi ezinhle," kubeka uSithole.

Kwabesifazane irekhodi liphethwe uXaba (31.12), kube uMashele (27.35) kabesilisa.