Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Lisekhona ithemba lowamanqamu kumqeqeshi kaMphahlele

Sibusiso Mdlalose|Published

UMSUBATHI waKwaZulu-Natal, uZakithi Nene, uzogijima kuma-heat emidlalweni yama-Olympics eFrance namuhla ebusuku Isithombe:BACKPAGEPIX

Nakuba kumbhedele uRyan Mphahlele emjahweni wokuqala webanga lika-1500 kuma-Olympic Games kodwa umqeqeshi wakhe, u-Elvis Khoza, usakholelwa ekutheni umgijimi uzofinyelela kowamanqamu.

Lo mgijimi waseTembisa, eGoli, ulale endaweni yesi-12, ngesikhathi esiwu-3:38.48. Akuhambanga kahle nakumkhaya wakhe, uTshepo Tshite njengoba eqede kweyesi-13, ngesiwu-3:36.87.

Abagijimi bazothola elinye ithuba ngoMgqibelo lokudlulela emjahweni owandulela owamanqamu. Bazogijima ngo-7.15 ebusuku.

UKhoza oqale ukucija uMphahlele eseneminyaka ewu-11, utshele leli phephandaba ukuthi usakholelwa ekutheni umgijimi uzofinyelela kowamanqamu.

"URyan ushawe ukuthi akaqalanga kahle. Besazi vele ukuthi kuzoba nzima. Ngisazokhuluma naye, sibonisane ngokumele akwenze emjahweni we-repechage. Kumnyama kubomvu siyaya kowamanqamu," kubeka uKhoza obezwakala ekhululekile.

UMphahlele uye eParis engomunye wabathwelwe ngeqoma ngenxa yempumelelo ayitholile selokhu kuqale unyaka.

Ekuqaleni kwawo ulale indawo yokuqala kwi-Elite Indoor Track Miramas Meeting, eFrance, ngesikhathi esiwu-3:36.57.

Ukuphindile lokho kwiBelgrade Indoor Meeting, eSerbia ngesiwu-3:37.19.

Kwi-Oslo Bislett Games, eNorway, uqede kweyesi-12, ngesiwu-3:33.85.

Ngaphambi kokuya eFrance, uvale ngeXXII Commonwealth Games yaseGreat Britain enze kuyo esiwu-3:34.66.

UKhoza uveze ukuthi noma kungenzekani eParis, kodwa lifezekile iphupho likaMphahlele lokumela iNingizimu Afrika kuma-Olympic.

"Eminyakeni edlule saphoxeka ngenkathi sihluleka ukuya kuma-Olympic ayeseTokyo. Sazitshela ukuthi sizosebenza kanzima ukuze siye kwawakulo nyaka. Nakwazayo siyaya. Okuhle ngoRyan uwumgijimi ohlale elenyusa izinga".

Khonamanjalo, intokazi yakuleli, uTatjana Smith iphinde yajabulisa abakuleli inqoba indondo yesiliva kwi-200m breaststroke, emuva kwalokho yamemezela ukuthi isiyahoxa ekubhukudeni. Ubhedu ludliwe uKate Douglas waseMelika. Ezinsukwini ezedlule, uTatjana unqobe eyegolide kwi-100m Breaststroke. Elakuleli selinezindondo ezine. Eyegolide neyesiliva nezimbili zethusi.

Ihlelwe kanjena imijaho namuhla ngoMgqibelo nangeSonto:

Namuhla ngoMgqibelo:

Ngo-11.10 am: Sekgodiso (800m women's, repechage).

Ngo-11.45 am: Akani Simbine, Benjamin Richardson noShaun Maswanganyi (100m men's, heat).

Ngo-7.15 pm: Tshite noMphahlele (1500m men's repechage).

Ngo-7.35 pm: Blignaut (shot put men's, final).

Kusasa ngeSonto:

Ngo-11 am: Jovan van Vuuren noCheswill Johnson (long jump men's qualification).

Ngo-12.35 am: Zeney Geldenhuys noRogail Joseph (400m hurdles women's heat).

Ngo-7.05 pm: Lythe noZakithi Nene (400m men's heat).

Ngo-8 pm: Simbine, Richardson noMaswanganyi (100m men's, semifinal).

Ngo-8.35: Sekgodiso (800m women's, semifinal).

Ngo-9.10 pm: Tshite noMphahlele (1500m men's, semifinal).

Ngo-9.50 pm: Simbine, Richardson noMaswanganyi (100m men's, semifinal).