Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Umengameli weSascoc ushona ezintangeni ngezindondo zama-Olympic

Sithembiso Mkhize|Published

UBARRY Hendricks umengameli weSascoc, uthi akafuni ukufakela ingcindezi iqembu lakuleli elizoya kuma-Olympic ngokuqagula isibalo sezindondo abazibhekile kule midlalo ezobanjelwa eParis kusukela ngenyanga ezayo Isithombe: SIGCINIWE

Ushona ezintangeni uBarry Hendricks, ongumengameli weSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc), uma ebuzwa ngesibalo sezindondo okubhekwe ukuthi zinqotshwe elakuleli kuma-Olympic Games eParis, eFrance.

NgoLwesithathu elwedlule, iSascoc iphinde yethula abanye abadlali engeze ngabo esikwatini esilibhekisa eParis. Yethule abawu-81 emcimbini obuse-Olympic House, eMelrose, eGoli. Emasontweni edlule yethule abawu-39.

Kulo mqhudelwano elakuleli lizoqhudelana ezinhlotsheni zemidlalo eziwu-17. Ziwu-32 sezizonke okuzoqhudelwana kuzo kuma-Olympic alo nyaka.

Amanye amaqembu akuleli okusalindwe athole ithikithi eliya eParis, elegalofu, Judo, equestrian, skateboarding, beach volleyball nele-cycling.

Ngesikhathi kwethulwa abanye abadlali ngeledlule, uHendricks uthe kuyamjabulisa ukuthi siyanda isibalo sabakwazi ukwenza izikhathi ezibafake kuma-Olympic.

Uveze nokuthi bawu-230 abantu abazokwakha isikwati esiya eParis. Uthe lapha kuhlanganisa abadlali, abaqeqeshi, odokotela nezinye izikhulu. Ungene ezintangeni uma ebuzwa ukuthi kulokhu balindele izindondo ezingaki kuma-Olympics.

Emidlalweni edlule eTokyo, eJapan elakuleli lashaya into ephansi libuya nezindondo ezintathu kuphela, igoli elilodwa nesiliva okwatholwa uTatjana Schoenmaker ekubhukudeni, neyesiliva kaBianca Buitendag kwi-surfing.

"Ukubekela abadlali bethu isibalo sezindondo okumele bazinqobe kufana nokubafakela ingcindezi. Lokho kungase kube nomthelela ongemuhle emiqondweni yabo.

“Asibayeke baye eParis bayojabulela ukuba ingxenye yama-Olympics. Ukuthokoza kwabo kuzoba nomthelela omuhle ekunqobeleni elakuleli izindondo. Sinalo ithemba lokuthola izindondo. Abadlali bethu bazenze ngamalengiso izikhathi ezibafaka kuma-Olympic," kubeka uHendricks obezwakala ejabule.

Emcimbini wangempelasonto edlule kuphinde kwamenyezelwa imiklomelo yemali ezonikwa abadlali abathole izindondo.

Onqobe eyegolide uzogixabezwa ngo-R400 000 bese kube u-R100 000 kumqeqeshi wakhe. Ozonqoba eyesiliva uzoklonyeliswa ngo-R200 000 bese kuba u-R75 000 kumqeqeshi.

Ozothola eyethusi uzoklonyeliswa ngo-R100 000, kube u-R50 000 komcijayo. Kubagwedli abahamba ngababili, abazonqoba igolide bazothola u-R200 000 umuntu ngamunye, kube u-R100 000 kumqeqeshi wabo. Abazothola isiliva kuzoba u-R100 000 bese kube u-R50 000 kobacijayo. Bazothola u-R40 000 abazonqoba eyethusi. Umqeqeshi wabo uzothola u-R20 000.