Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AmaProteas ayivule ngenothi eliphezulu eyeSuper 8 kweyoMhlaba

Xolile Mpisane|Published

AmaProteas aqhubekile nomgqigqo wokunqoba ngesikhathi ehlula i-USA emdlalweni weSuper 8 eNdebeni yoMhlaba yeT20, eSir Vivian Richards Stadium, e-Antigua and Barbuda, ngoLwesithathu Isithombe: AFP

Liyivule kahle eyamaqoqo yeSuper 8 eNdebeni yoMhlaba yeT20 iqembu lakuleli lesizwe labesilisa lekhilikithi, ngokuqumba phansi i-USA ngama-run angu-18 eSir Vivian Richards Stadium, eWest Indies, ngoLwesithathu ebusuku.

AmaProteas abebheke ukuqhubeka la egcine khona esigabeni sokuqala samaqoqo lapho eyinqobe khona yomine imidlalo ayidlalile.

I-USA iwine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala. AmaProteas awuqale kahle umdlalo kubhoke uQuinton de Kock obezenzela kubashwibi.

UReeza Hendricks uphume esenama-run angu-11, kwangena u-Aiden Markram, ofike wabambisana kahle noDe Kock, bahlanganisa ama-run angu-110 ndawonye.

UDe Kock ukhishwe eseshaye ama-run angu-74 emabholeni angu-40, uMarkram wathola angu-46 emabholeni angu-32.

UDavid Miller akashayanga neyokubika i-run kodwa uHeinrich Klaasen noTristan Stubbs badlale kahle ngasekugcineni. AmaProteas aqede ama-over angu-20 enama-run angu-194, sekukhishwe abadlali abane.

I-USA ibidinga ukushaya ama-run angu-195 ukuze inqobe futhi iqale kahle ukubhetha, isibalo sayo sisendaweni efanele uma siqhathaniswa nalapho amaProteas abekhona kuma-over alinganayo.

UKagiso Rabada uyena owenze ukuthi i-USA iyeke ukuzitamuzela ama-run, waphinde wathola amawikhethi amabili amqoka.

Ukhiphe uSteven Taylor, obesenama-run angu-24, walandelisa ngoNitish Kumar, obeseshaye ayisishiyagalombili kodwa ekhombisa ukuthi angaba yingozi.

Kuthe sekubonakala sengathi iNingizimu Afrika izowunqoba kalula umdlalo yajikelwa u-Andries Gous, owazalelwa kuleli. Lo mdlali owadlala isikhathi eside eFree State, ushaye ama-run angu-80 emabholeni angu-47.

Nokho, ukushwiba ngobunono kukaRabada no-Anrich Nortje kuma-over angasekugcineni kuholele ekutheni i-USA iqede ama-over angu-20 isahlanganise ama-run angu 176, yalahlekelwa amawikhethi ayisithupha.

AmaProteas aseqhwakele kuGroup 2 ngamaphuzu amabili. Azodlala olandelayo ne-England ngoLwesihlanu ngo-4.30 ntambama, bese ebhekana neWest Indies ngoMsombuluko ngo-2.30 ezintathakusa.

Amaqembu amabili azobe ephezulu eqoqweni lawo azodlulela kweyandulela owamanqamu.

KuGroup 1 kuqhathwe i-Afghanistan, Australia, Bangladesh ne-India.