Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Injabulo abe-relay bezifaka kuma-Olympic

Sithembiso Mkhize|Published

U-ANTOINE Nortje, Zakithi Nene, Lythe Pillay noGardeo Isaacs ngemuva kokuthatha indawo yesibili kowamanqamu e-4X400m kumaWorld Athletics Relay Championship abebanjelwe eBahamas ngempelasonto Isithombe: WORLD ATHLETICS

AMAQEMBU akuleli e-relay abuyise ithemba kumengameli we-Athletics South Africa (ASA), uJames Moloi, ngokunqoba izindondo kuma-Olympic Games, aqala ngoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.

Ngempelasonto bekubanjwe amaWorld Athletics Relay Championships, eNassau, eBahamas lapho amazwe abenethuba lokulwela ukuzibekisela izindawo kuma-Olympic.

Iqembu le-4x400m lijabulise izakhamuzi zakuleli linqoba indondo yesiliva ngesikhathi esiwu-3:00.75.

Belakhiwe uGardeo Isaacs, Zakithi Nene, Antonie Nortje noLythe Pillay. Kowamanqamu uNortje ubengene esikhundleni sikaWayde van Niekerk ogcine ukugijima kuma-heats okuyilapho elakuleli lizifake khona kuma-Olympic.

Kuleli banga kukhonye i-Afrika njengoba endweni yokuqala kungene iBotswana ngesiwu-02:59.11. Isithathu kube iBelgium ngesiwu-3:01.16.

Kuleli injabulo yokuthola ithikithi eliya eParis, iqale yalethwa o-Akani Simbine, Clarence Munyai, Bayanda Walaza noBenjamin Richards kwi-4x100m. Nakuba benganqobanga ndondo kodwa bakwazile ukwenza isikhathi sama-Olympic. Bashaye esiwu-38.08. UMoloi uwabongelile la maqembu..

"Siyaziqhenya siyiNingizimu Afrika ngala maqembu. Indlela abelinyuse ngalo izinga kwenza sibe nethemba lokuthi kuma-Olympic kukhona izindondo azobuya nazo. Izinga bebelinyuse kakhulu kulo nyaka," kubeka uMoloi.

Kuma-Olympic adlule eTokyo, eJapan, ezokugijima zahluleka zancama ukuthola neyokubika indondo.

Kwagcina ngo-2016, eRio de Janeiro, eBrazil ukuthi kutholakale indondo, lapho elakuleli labuya nezindondo ezimbili zegolide. Eyatholwa uVan Niekerk ku-400m nekaCaster Semenya ku-800m.

NakumaWorld Athletics Championships anyakenye, awango-2022 nakwawango-2019 elakuleli labuya nenduku yombangandlala.

Ami kanje amazwe azibekele indawo kuma-Olympic, eBahamas:

KwiWomen’s 4x100m: Australia, Canada, France, Germany, Great Britain & NI, Netherlands, Poland ne-United States of America (USA).

KwiMen’s 4x100m: Canada, China, France, Great Britain & NI, Italy, Jamaica, Japan, USA, South Africa.

Kwi-Women’s 4x400m: Canada, France, Great Britain & NI, Ireland, Italy, Norway, Poland ne-USA.

KwiMen’s 4x400m: Belgium, Botswana, Germany, Great Britain & NI, Italy, Japan, Nigeria nelakuleli.

KwiMixed 4x400m: Belgium, Dominican Republic, France, Ireland, Netherlands, Nigeria, Poland, United States of America.