Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ubonga induduzo umqeqeshi oshonelwe wuyise

Fanelesibonge Bengu|Published

UMQEQESHI mqeqeshi weSuperSport United FC, uGavin Hunt ubonga imiyalezo yenduduzo ayitholayo kulandela ukushona kukayise ngempelasonto.

Uyise kaHunt, uMartin Hunt ushone ngeSonto. Akudalulwanga okumthathile. NgoMgqibelo iSuperSport ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-1 koweDStv Premiership, eLimpopo.

UHunt udalule izindaba zokushona kukayise ngeSonto ekhasini lakhe le-X.

UGAVIN Hunt noyise uMartin Hunt Isithombe: X

“Phumula ngokuthula baba. Ungilinde ukuthi ngibuye ekhaya ngikubone. Ngiyakuthanda,” kubhala uHunt.

Iqembu lakhe iSuperSport, elisendaweni yesikhombisa kwi-log ngemuva kwemidlalo engu-25, lidlulise amazwi enduduzo.

NgoMsombuluko ekuseni uHunt ubonge imiyalezo nezingcingo azitholayo.

“Ngiyabonga kakhulu. Akusona isikhathi esilula lesi,” kusho uHunt.

ISuperSport, engakanqobi nowodwa umdlalo kweyisishiyagalolunye yeligi esayidlalile selokhu kuqale unyaka, kulindeleke ukuthi ibhekane neRoyal AM ngoLwesithathu eHarry Gwala Stadium ngo-7.30 ebusuku.