Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Inyamazane yomsubathi izoshintsha ibanga kumaWorld Champs

Published

UZOSHINTSHA ibanga azoligijima kumaWorld Athletics Championships ngonyaka ozayo uPrecious Lesiba Mashele, ongesinye sezithenjwa zabagijimi kuleli.

Lo msubathi ocijwa nguqweqwe uHendrick Ramaala, ubeseqenjini lakuleli ebeliye kulo mqhudelwano ekuqaleni konyaka e-Oregon, e-United States of America. Akalibonanga elidlalayo ebangeni lika-5000m njengoba ephume eyesi-34 (13:48.25).

UMashele ogijimela iBoxer AC, uthe kuyisifiso sakhe ukuthi ngonyaka ozayo aphindele kumaWorld Champs, ayolungisa isithunzi segama lakhe. Lo mqhudelwano ungo-Agasti 19-27, eBudapest, eHungary.

Uveze ukuthi uzolwela ukugijima u-10 000m.

“Isizathu sokushintsha ibanga ukuthi kuzobe kushisa kakhulu eHungary, ngoba umqhudelwano uzoba ngo-Agasti. U-5000m ufuna ijubane kakhulu. Ungcono u-10 000m kawugqilazi kangako, nokho ufuna umuntu ojimile,” kuchaza uMashele, obekhona kuma-Olympic Games ngonyaka odlule eTokyo, eJapan.

Isikhathi sokuhlungela u-10 000m, ngu-27:10.00. Uqhube wathi ukuhlungela ukuya eBudapest, uzokuqala ngoFebruwari ngamaTrack & Field Leagues, eThekwini naseGoli. Le nyamazame iveze nokuthi lo nyaka izowuvala ngokusubatha ngoDisemba 3, kowama-ASA Cross-Country Trials Championships, ePotchefstroom, eNorth West.

Isimele elakuleli kathathu kumaWorld Cross-Country Championships.

Umjaho egcine ukuwugijima iHollywood Durban Summer 10km ayinqobe ngesiwu 28.12.

Zimi kanje sezizonke izikhathi zokuhlungela amaWorld Champs ngonyaka ozayo:

Kwabesilisa:

Kwi-100m u10.00; 200m (20.16); 400 (45.00); 800m (1:44.70); 1500m (3:51.20); 5000m (13:07.00); 10 000m (27:10.00); marathon (2:09.40); 3000m steeplechase (8:15.00); 110m hurdles (13.28); 400m hurdles (48.70); high jump (2.32m); poul voult (5.81m); long jump (8.25m); triple jump (17.20m); shot put (21.40m); discus throw (67m); hummer throw (78.00m); javelin throw (85.20m); decathlon (8460 pts); 20km race walk (1:20.10); 35km race walk (2:29.40).

Abesifazane:

100m (11.08); 200m (22.60); 400 (51.00); 800m (1:59.80); 1500m (4:22.00); 5000m (14:57.00); 10 000m (30:40.00); marathon (2:28.00); 3000m steeplechase (9:23.00) 100m hurdles (12.78); 400m hurdles (54.90); high jump (1.97m); poul voult (4.71m); long jump (6.85m); triple jump (14.52m); shot put (18.80m); discus throw (64.20m); hummer throw (73.60m); javelin throw (63.80m); heptathlon (6480 pts ); 20km race walk (1:29.20); 35km race walk (2:512.30).