Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

U-Erasmus unethemba ngomdlalo wamaBhokobhoko

Mike Greenaway|Published

U-RASSIE Erasmus umqondisi we-SA Rugby Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQONDISI we-SA Rugby, uRassie Erasmus, unethemba lokuthi uzoqhubeka umdlalo we-test okumele udlalwe Amabhokobhoko neGoergia ngoLwesihlanu, eTshwane.

Okwenza u-Erasmus abe nokungabaza ngalo mdlalo wukutholakala kwabanye babadlali bamaBhokobhoko ukuthi bane-Covid-19, ngemuva kokuhlolwa. Lokhu kuvele izolo, ngesikhathi iqembu lihlangana eGoli.

UHerschel Jantjies, uSbu Nkosi noVincent Koch batholakale naleli gciwane ngemuva kwekhefu elibekhona kulandela ikhempu yamasonto amathathu ebiseBloemfontein.

U-Erasmus uthe isikwati sabadlali abawu-45 bahloliwe ngemuva kokuhlangana. Kube sekuthiwa abadlali mabahlale ngabodwana kuze kube bathola iseluleko ethimbeni lodokotela elilawula iLions Series.

Uthe kuzobuye kuthathwe nesinqumo ngokuthi yikuphi okunye iqembu elizokwazi ukukwenza njengoba kusalindiwe. Kodwa u-Erasmus nomqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, banethemba lokuthi umdlalo uzoqhubeka.

“Isinqumo sizokwenziwa. I-Georgia izofika namuhla (esho izolo) kodwa angicabangi ukuthi umdlalo uzophazamiseka ngokwenzekile,” kusho u-Erasmus.

“Yingakho sinabadlali abawu-45 ekhempini ukuze singazitholi sisesimeni lapho singeke sibenabo abadlali abanele ukuthi singadlala. Sidinga abadlali abawu-23 abangenayo i-Covid-19, ukuze sikwazi ukudlala neGeorgia. Uma kungathiwa kuyenzeka, singakwazi nokuyobheka ngaphandle kwalaba esinabo (ekhempini) kodwa angiboni sikhona isidingo salokho,” kusho u-Erasmus.

Uthe kumele kubhekwe nokuthi bayaqala ukubhekana nalesi simo.

“Mina noJacques siyaqala ukubhekana nento enjena kodwa amaqembu ethu nabanye ngaphandle kwelakuleli sebeke babhekana nakho. Isibonelo; iphini lomqeqeshi wase-England, uMatt Proudfoot, like lahlowa latholakala igciwane futhi umqeqeshi wayo, u-Eddie Jones, uke waba kumvalelandlini nyakenye. NeFiji ike yaba senkingani efanayo. Lesi yisimo sempilo esiyiphilayo njengamanje.”