Ezemidlalo Ezezimoto

Isikhulu se-AA sizibophezele ngokulwela ukuphepha emigwaqweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UBobby Ramagwede oyisikhulu esiphezulu se-Automobile Association of South Africa

Image: Dot Com Multimedia

ISIKHULU se-Automobile Association of South Africa (AA), uBobby Ramagwede, sithi sibeke eqhulwini ukuphepha nokulwela abasebenzisi bomgwaqo eNingizimu Afrika ngemikhankaso eyahlukene esiphezu kwayo.

Eminye yawo wukufaka ingcindezi kubakhiqizi bezimoto ukuthi amazinga okuphepha bawenze efane nawasezimotweni abazidayisa kwamanye amazwe ngale kokunyusa intengo.

Ufuna nokufundisa amakhasimende ukuthi uma ethenga izimoto engagcini kuphela ngokubheka ubuhle kodwa abuzisise nangezinto zokuphepha ezifika nazo.

URamagwede ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile naleli phephandaba ekhuluma ngezihloko ezehlukene.

Ukhuluma nje, kuleli sonto i-AA, ebambisene neGlobal NCAP ngaphansi komkhankaso wabo wokulwela ukuthi izimoto ezidayisa e-Afrika ziphephe i-#SaferCarsForAfrica, ikhiphe ucwaningo lwakamuva.

Luveze ukuthi iChery Tiggo 7 Pro edayisa kuleli ithole izinkanyezi ezimbili kwezinhlanu ihlolwa indlela evikela ngayo abagibeli abadala uma iba sengozini nezintathu ngokuvikela izingane.

Le miphumela yelama eduze eyeToyota Corolla Cross nayo ethole okufanayo.

Umkhankaso ugxile kakhulu ezimotweni ezibiza kahle nezithandwayo.

“Ngaphambi kokuthi ngiqale ngishicilele imiphumela yokuhlolelwa ukuphepha kwezimoto eNingizimu Afrika abantu bebezoqhubeka nokushayela izimoto ezifana neGrand i10 (eyathola iqanda ihlolwa ukuvikela abadala) becabanga ukuthi ayikho inkinga. Abantu bebezoshayiswa eceleni bafe. Bebezocabanga ukuthi yingozi nje. Manje ngithi ebantwini, empeleni impilo kamfowenu ibingasinda ukuba iHyundai ifake ama-curtain airbags,” kusho uRamagwede.

Uthe kungani izinkampani zifune ukukhokhisa abantu ngento okumele ngabe izimoto ziphuma nayo.

“Izinto zokuphepha kumele kube yinto yokuqala efakwa emotweni. Ongakwengeza uma uthanda kungaba yizihlalo zesikhumba.”

Uthe bathole ukuthi izimoto zingakhiwa endaweni eyodwa kodwa ezodayisa kwelinye ilizwe inawo wonke ama-airbag kuthi elethwa kuleli abe yisibalo esiphansi.

Uthe uma ekhuluma nezinkampani zithi imithetho yakuleli yezokuphepha ayizichithi izimoto ezisengeni eliphansi.

Uveze ukuthi uthenga izimoto ezimbili buthule azise e-Europe lapho zihlolwa khona. Imiphumela ngaphambi kokuthi ifike kuye iqala kuzona izinkampani.

Ufanise izimoto ezingaphephile njengamabhokisi anamasondo.

URamagwede uphosele inselelo amakhasimende ukuthi nawo akhethe izimoto eziphephile.

Uthe kungekudala ufuna ukwethula uhlelo lokuhlola izimoto olugxile e-Afrika njengoba kwenzeka nakwamanye amazwekazi njengase-Europe lapho kune-Euro NCAP, e-Australia nase-Asia lapho kune-ANCAP naseMelika lapho kuneLatin NCAP.

“Umlando engifuna ukuwushiya mhla ngishiya lesi sikhundla ukwenza isiqiniseko sokuthi izimoto zaseNingizimu Afrika ziphephile njengezase-Europe. Okwesibili ukuthi intengo kaphethroli yehle.”

Uthe indlela afuna intengo kaphethroli yehle ngayo ukubuyekeza intela yesikhwama esinxephezela abalimala ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (RAF) engu-R2.18 nebizwa nge-general fuel levy engu-R4.15 ilitha likaphethroli athe ayaziwa ukuthi yenzani.

“Kumele senze isiqiniseko sokuthi imigwaqo isesimeni, izimoto zisesimeni nokuziphatha kwabasebenzisi komgwaqo kusesimeni. Uma imigwaqo inakekelwa kahle futhi yakhiwe kahle izingozi zizoba ncane. I-RAF isebenza uma ube sengozini. Uma sengizehlisile izingozi kusho ukuthi sengisehlisile isidingo seRAF ngokuthuthukisa imigwaqo. Uma ngiqinisekisa ukuthi izimoto ziphephile futhi zisesimeni esifanele ngisho kuba nengozi kodwa ababaningi abalimala kanzima futhi ababaningi abafayo. Nalapho futhi kwehla ingcindezi yeRAF.”

Uthe ngokwezibalo zakhe uma ehlanganisa lokhu intela yeRAF ingehla ngo-30% okuyimali elinganiselwa ku-70c ilitha.

Uthe ne-general fuel levy kumele ingathathwa ngaphandle uma kucaca ukuthi yenzani.

URamagwede uthe ukhathalele ukuphepha emgwaqeni ngoba izingozi zamphuca omalume bakhe esemncane.