Ezemidlalo Ezezimoto

Ibhacazile iChery Tiggo 7 Pro ihlolwa amazinga okuphepha

Fanelesibonge Bengu|Published

IChery Tiggo 7 Pro ngesikhathi ihlolwa ngabeGlobal NCAP ukuvikela abagibeli uma kwenzeka iba sengozini

Image: Sithunyelwe

INHLANGANO elwela ukuthi izimoto zivikele abagibeli ezingozini, iGlobal New Car Assessment Program (Global NCAP), igxeke iChery South Africa ngesitatimende sayo sokuthi iTiggo 7 Pro iphephile kodwa ibe isho engadayisi kuleli.

Ekuqaleni kukaFebhruwari kwaChery bakhiphe isitatimende bezishaya isifuba ngokuthi iTiggo 7 CHS ithole izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ngabe-Euro NCAP.

"Imindeni yaseNingizimu Afrika kumele yazi ukuthi imoto yawo izoyivikela ezimeni zangempela hhayi kuphela ngento ebhalwe phansi," washo kanje uVerene Petersen, okhulumela iChery South Africa.

I-Global NCAP ngaphansi komkhankaso wayo ne-Automobile Association of South Africa (AA) i-#SaferCarsForAfrica, iveze ukuthi iChery Tiggo 7 Pro edayisa eNingizimu Afrika ithole izinkanyezi ezimbili ihlolwa ukuvikela abagibeli abadala engozini. Ithole ezintathu, kwezinhlanu, ihlolelwa ukuvikela izingane.

Ithe izihlalo zezingane zihlulekile ukufakeka uma zibheke emuva futhi le moto ayikwazi ukucisheka i-airbag uma isihlalo sengane sifakwe ngaphambili ohlangothini lomgibeli.

Imiphumela iveze ukuthi ngasezinyaweni nasemzimbeni ayiqinile kahle, ayihlolwanga ukushayiswa epalini eceleni ngenxa yokuthi ayinakho okokuvikela ikhanda ngaphambili nangemuva futhi ine-Electronic Stability Control nokokukhumbuza abagibeli ukuthi bafase amabhande yize iGlobal NCAP ithe akukho sezingeni elifunayo.

IGlobal NCAP igxeke kakhulu iChery ngesitatimende sayo incoma le moto naphezu kokuthi akuyona edayisa kuleli yathi imiphumela akumele isetshenziswe ukudusa amakhasimende.

"Izinkanyezi ezimbili kwiTiggo 7 Pro ziyaphoxa kodwa lokhu kuphoxeka kwengezwa nawukushicilelwa kwemiphumela edukisayo ngemininingwane yokuhlolwa kwakwamanye amazwe," kusho uRichard Woods oyisikhulu esiphezulu eGlobal NCAP.

Isikhulu esiphezulu se-AA, uBobby Ramagwede, sithe sekukaningi becelwa ngamakhasimende ukuthi baqale ukuhlola ukuphepha kwezimoto zezinkampani zaseChina.

"Le miphumela iveza okubili, umkhuba oqhubekayo wokuthi izimoto ezidayisa e-Afrika azifiki nokokuphepha njengokwakwezinye izindawo kanjalo nomkhankaso wokugwema ukudalula kumakhasimende akuleli ukuphepha kwazo zonke izinhlobo. Sakusho phambilini futhi siyaphinda namanje, abashayeli baseNingizimu Afrika bafanelwe wokungcono angikhathalele ukuthi imoto ibiza malini futhi ngalezi zinkanyezi izimbili kuqinisa isidingo sokuthi zonke izinkampani kumele zizibophezele ekuphepheni okufanayo kuwona wonke amazwe," kusho uRamagwede.