Ezemidlalo Ezezimoto

Amazinga aphezulu okushisa angaba nobungozi emotweni nakumshayeli

Fanelesibonge Bengu|Published

Kumele uhlole izinto eznjenge-coolant emotweni yakho njengoba amazinga okushisa ephezulu kulezi zinsuku

Image: Sithunyelwe

AMAZINGA okushisa aphezulu eNingizimu Afrika kulezi zinsuku angadala ingozi kumshayeli nasemotweni, ngokusho kukangoti.

Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithi kumele uyihlolise imoto yakho ngalesi sikhathi ngaphambi kohambo, maphakathi nalo nangemuva kwalo.

“Hlola ukuthi ingakanani i-coolant futhi uyigcwalise uma kunesidingo ngoba injini isebenza kakhulu kulokhu kushisa. Ngaphezu kwalokhu, yazi ukuthi ezimotwei zakamuva kuvalekile ngakho uma ungabaza iya egaraji noma ubuze ungoti emagaraji agunyaziwe,” kusho uHerbert.

Uthe nakhu okunye okumele ukwenze:

-      Bheka amafutha ngoba njengoba kushisa nje, ukushisa kungenza angashubi kahle.

-      Amabhrethri asengcupheni uma kushisa ngoba ukushisa kwenza asheshe afe. Yenza isiqiniseko sokuthi ama-terminals ahlanzekile futhi afakeke kahle.

-      Hlola amathayi ikakhulu uma usanda kushaya i-pothole. Ukushisa kwenza umoya ugcwale nokungenza amathayi aqhume uma efutheke kakhulu okanye esegugile.

Umshayeli welulekwa ngokuthi ahlale ephuza amanzi ukuze aqaphele emgwaqweni

Image: Sithunyelwe

UHerbert uqhube wathi nabashayeli kumele bazilungiselele uma bezoba semotweni kushisa.

“Yenza isiqiniseko sokuthi ufaka i-sunscreen. I-windscreen iyakwazi ukusitha imisebe yelanga eyingozi kodwa amawindi asemaceleni nangemuva awakwazi isikhathi esiningi. Avumela imisebe eyingozi ukuthi ingene emotweni nokunyusa amathuba okuthi uthole umdlavuza wesikhumba ikakhulu ngasohlangothini lwesokudla kubantu abachitha isikhathi esiningi beshayela. Phatha amanzi amaningi, gqoka izimpahla ezilula futhi ezingenisa umoya. Zama ukuhamba uma kupholile njengasekuseni noma ntambama uma kwenzeka,” kusho uHerbert.

Uthe endleleni yzama ukuthi i-aircon ingasebenzi kakhulu ngokuyihlela ukuthi isebenzise umoya ongaphakathi emotweni kunokuthi idonse ongaphandle.

“Ezimotweni ezindala yiphumuze imizuzu embalwa njalo ngehora ukuze ingashisi kuze kweqe. I-aircon nayo idinga ukubhekwa ngaso sonke isikhathi ukuze isebenze isikhathi eside.”

Uthe abashayeli kumele baphuze amanzi ngoba ukoma kwenza unganaki emgwaqweni. Ugqugquzele ukuthi bahlabe ikhefu ngemuva kwamahora amabili futhi baqaphele namalambu ezexwayiso emotweni.

Uthe ngemuva kohambo kumele upake ethunzini.