Ezemidlalo Ezezimoto

Abawunqeni umbango kwaToyota abazokwethula izimoto ezintsha

Fanelesibonge Bengu|Published

Toyota Land Cruiser FJ

Image: Sithunyelwe

ISIKHULU sezokumaketha nokudayisa kwaToyota South Africa Motors (Tsam), uLeon Theron, sikusho kwagcwala umlomo ukuthi abazesabi izimbangi zabo ngesikhathi sijabulela ukusonga u-2025 njengenkampani edayise izimoto ezintsha eziningi eNingizimu Afrika.

I-Tsam idayise izimoto ezingu-148 124 okuyenze yathola u-24.8% wemakethe yakuleli futhi yaba phambili iminyaka engu-46 ilandelana.

Ezingu-1 113 kulezi zimoto kube ngezakwa-Lexus nokuyinto ebajabulise kakhulu kwathi ezingu-3 178 kwaba ngamaloli akwaHino.

Ama-Hilux adayisiwe abe ngu-36 525, Corolla Cross angu-22 191, Starlet Cross angu-10 439, Urban Cruiser 10 277, Vitz angu-9 436, Fortuner angu-9 049 nezinye.

“Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi asizisabi izimbangi zethu,” kusho uTheron.

Ubekhuluma embuthanweni weTsam waminyaka yonke iState of the Motor Industry Address eSandton ngoLwesine lapho ebedalula khona izinhlelo zabo zanonyaka.

Toyota RAV4

Image: sithunyelwe

Uthe ngonyaka odlule badayise izimoto eziyisibalo sesibili esikhulu kusuka ngo-2007. Uveze ukuthi nonyaka bafuna ukudayisa ezingu-153 000.

Udalule ukuthi basebenza ngokuzikhandla ukuletha izimoto zomtakabani iCentury kanjalo nokubuyisa iDaihatsu.

Ngo-2027 uthe bazoletha i-GR GT ngesibalo esincane elinganiselwa ku-14. Inenjini engu-4.0l Twin Turbo V8 nekagesi okunamandla angu-478kW ne-torque engu-850Nm.

Toyota bZ4x

Image: Sithunyelwe

Idonsa ngamasondo angemuva futhi ino-gearbox oyi-8 speed automatic. Ijubane ligcina ku-320km/h.

Nonyaka udalule izimoto ezizayo, bangayithinta eyayibhekwe kakhulu iHilux. Uthe nokho bazimisele ngokuvikela isigaba encintisana kuso futhi bazokwenza konke.

Phakathi kwezizokwethulwa yi-RAV4 entsha ezofika ngezinjini ezintathu, okukhona kuzo neyi-plug in hybrid. Kuzoba khona neGR-Sport yokuqala ngqa.

Enye iSUV ezayo yiLand Cruiser FJ athe iHilux esesicongweni somndeni izobe ibiza imali enkulu kunayo.

Bazokwethula nemoto yakwaToyota yokuqala kuleli ukuhamba ngogesi webhethri abathi uma lishajwe lagcwala ungahamba ibanga elifika ku-480km.

Kuzodayisa neCorolla Cross GR-S ethuthukisiwe, iLand Cruiser 1M-HEV abathi iyonga kuphethroli neLexus RZ ehamba ngogesi webhethri. I-RZ ihlukene ngezinhlobo ezintathu ezinamandla angu-280kW bese kuba yiF-Sport enamandla angu-300kW. Inebhethri elingu-80.5kWh abathi lenza uhambe ibanga elingu-500km.

Lexus RZ

Image: Sithunyelwe

Izoza neRZ 600e enamandla angu-315kW.

Abathanda izimoto zejubane bazolethelwa iGR Corolla ethuthukisiwe esino-gearbox ozishintshayo. Inamandla angu-210kW ne-torque engu-400Nm.