Ezemidlalo Ezezimoto

Kwethulwe i-GWM Jolion Pro yekhethelo

INTATHELI YEZEZIMOTO|Published

I-GWM Jolion Pro yekhethelo esiyengezwe ohlwini

Image: Sithunyelwe

IMOTO: HAVAL JOLION PRO

Kwengezwe eyekhethelo ohlwini lwama-GWM Jolion Pro ezokwenza amakhasimende ahluke kwamanye.

IJolion iyimoto ebalulekile kwa-GWM njengoba cishe uhhafu wazo zonke izimoto abazidayisayo kuyiyona.

IJolion Pro Limited Edition bayishune ngokuyishintsha lapha nalapha kunezinye izinhlobo.

Ngaphandle ifika inombala oluhlaza ehlotshiswe ngawo omesha nama-brake callipers.

Ngaphakathi ukhaphethi uqoshiwe ukuthi ngeyekhethelo. Okunye okuthola ngaphakathi yindawo yokushaja ngaphandle kwentambo engu-50W, izimbobo zokushaja nge-USB Type-C, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay futhi ukwazi nokuyilawula ngephimbo.

Ngaphansi kwebhonethi abayenzanga zinguquko. Kunenjini engu-1.5 litre turbo enamandla angu-105kW ne-torque engu-210Nm. U-gearbox uyi-7 speed dual-clutch.

Intengo:

  • Jolion Pro 1.5T Super Luxury 7DCT LTD MY26 – R431 450

Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa.

I-GMW Jolion Pro eshintshwe lapha nalaphaya

Image: Sithunyelwe