Isikhulu sakwaToyota South Africa Motors u-Andrew Kirby
Image: Sithunyelwe
UMENGAMELI nesikhulu esiphezulu sakwaToyota South Africa Motors, u-Andrew Kirby, uthi yize izibalo zezimoto ezintsha ezidayisiwe emakethe yakuleli ngo-2025 zenyukile kodwa kumele zibukwe ngeso elijulile.
UKirby uthe kumele kujatshulelwe ukuthi isibalo sezimoto ezidayisiwe senyuke ngo-15.7% njengoba kungokokuqala ziba phezulu kusuka kwabheduka igciwane iCovid-19.
Uthe azikho phezulu kunango-2006 no-2007 lapho kwadayisa izimoto ezingu-703 000 no-675 000 ngokulandelana.
“U-600 000 uwukukhula okuhle kodwa mncane,” kusho uKirby.
Uthe uma kubhekwa isibalo sabantu nezidingo zezokuthutha lesi sibalo kumele ngabe sikhulu kakhulu. Uthe nonyaka kuzodayisa ezilinganiselwa ku-630 000.
UKirby uthe isibalo senyuke ezimotweni ezibiza imali ephansi.
Uveze ukuthi kusuka kubheduke iCovid-19, isibalo sezimoto ezakhiwe zadayisa kuleli silokhu sehla njengoba nyakenye kube u-33% futhi nonyaka singase sehle kakhulu.
“Izimoto ezilandwa ngaphandle zibalulekile kakhulu. Izimoto ezilandwa ngaphandle zenza kube nesasasa nempilo emakethe futhi ziletha izitayela ezidingwa amakhasimende. Ngeke silindele ukuthi sakhe yonke into eNingizimu Afrika,” kusho uKirby.
Uthe umbuzo kodwa wukuthi ngabe kubhalanse kahle yini?
Uthe ngonyaka odlule kuleli kukhiqizwe izimoto ezingu-609 000, u-411 000 wazo wathunyelwa ngaphandle kwathi u-198 000 wadayiswa kuleli.
“Yinto okumele ijatshulelwe ngoba ifaka esikhulu isandla emnothweni.”
UKirby uthe u-68% owakhiwa kuleli udayisa ngaphandle kuthi u-198 000 kuphela udayisa ngaphakathi.
Uthe ngo-2006 izinkampani ezikhiqiza kuleli bezidayisa izimoto emazweni ahlukene kodwa ingxenye enkulu engu-81% isiya e-Europe.
“Okumangaza kakhulu yi-Afrika. Besikhipha u-19% wezimoto uye khona manje sekungu-8%.”
Uthe imakethe yase-Afrika inzima ngoba kulethwa izimoto ezingamasekeni zasemazweni aphesheya futhi izimoto ezintsha zithengwa kakhulu uhulumeni.
Uthe ukuze imboni yakuleli isebenze kahle kudingeka imakethe evundile bese kuba namazwe amaningi ahlukene lapho izimoto ezakhiwayo zizodayiswa khona.
“Ngeke sithi ngeke sidayise lutho eNingizimu Afrika sizozilanda ngaphandle kuphela bese esizakhayo zonke sizise e-Europe ngoba lesi sibalo sika-411 000 sizoshintsha.”
Uthe ngenxa yokushintsha kwemithetho e-United Kingdom nase-UK efuna kunciphe izimoto ezikhipha isisi esingcolisa imvelo.
Uthe kule minyaka emihlanu ezayo maningi amathuba okuthi sehle isibalo sezimoto ezidayisa khona.
Lokhu kungenxa yokuthi asinazo izimoto ezibizwa ngama-new energy vehicle ezivikela imvelo azanele futhi amanye amaphathi azo awakhiwa kuleli.
Uthe uhulumeni kumele uhambisane namazwe omhlaba ngokuthi uzibekele ofuna ukukuzuza nezinhlelo zokuthi izwe lishintshe lingene kuma-new energy vehicle.
Uthe okubakhathazayo ukuthi intengo kagesi inyukile, eyabasebenzi neyamanzi iyafa kangangokuba bona efemini bakha idamu.
Uthe baphakamisa ukuthi kushintshwe imigomo kancane ukuze isibalo sezimoto ezakhiwa bese zidayise kuleli zinyuke sibe ku-40 kuya ku-50%. Eminye imigomo athe kumele ibhekwe ngethinta ama-new energy vehicle, ukubheka ezinye izimakethe futhi kulungiswe indaba kagesi, amanzi nezokuthutha kakhulu izitimela ukuze kuzoheheka abatshilizimali ezweni.
“Nginokukhulu ukuzethemba ukuthi imakethe yakuleli kumele futhi ingakwazi ukudayisa yedlule izimoto ezingu-700 000. Ngiyathemba futhi ukuthi ukukhiqiza kungakwazi futhi kungadlula ku-720 000 uma senza izinguquko ezincane.”
Uthe lokho kungafaka uR21 billion emnothweni wakuleli.
Related Topics: