I-Alfa Romeo Junior iyawadonsa amehlo uma iqhamuka ngenxa yobuhle bayo
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: ALFA ROMEO JUNIOR
EZINSUKWINI ezedlule ngifunde umbiko othi, ngoDisemba e-Europe izimoto ezihamba ngogesi zidayise kakhulu okwedlula ezihamba ngophethroli okokuqala ngqa.
ENingizimu Afrika noma zingena kancane kodwa luselude ukhalo ngaphambi kokuthi kwenzeke lokhu.
Ngale kwentengo yazo ethanda ukuba phezulu njengoba uhulumeni ungakabi nazo izindlela zokuheha abantu ukuthi bazithenge, nezindawo zokushaja ziseyimbijana nokwenza abanye bazenqene.
Muva nje ngithole ithuba lokuchitha isonto ne-Junior, okuyimoto yakwa-Alfa Romeo yokuqala kuleli ehamba ngogesi webhethri.
Ngithe ngithumela umngani wami isithombe sayo wavele wathi asikwazi ukuhlala, asingene indlela sibheke eMpangeni, sisuka eThekwini.
IJunior ihlukene kabili, kukhona i-Elettrica ne-Elettrica Veloce.
I-Veloce yiyo ebengihamba ngayo enhle futhi ebukeka i-sporty. Akuyona nhlobo imoto yokupakwa, sengathi ungalokhu uhamba ngayo ukuze abantu bayibone.
Emgwaqweni idonsa amehlo ngamarimu ayi-four spoke amakhulu angu-20 inch.
Izihlalo ze-Alfa Romeo Junior zikubamba thaqa futhi zintofontofo
Image: Sithunyelwe
Amalambu ngaphambili nangemuva angamaLED.
Uma uyibuka iqoqekile njengoba ingu-4.2m ubude. Lokhu kuyenza ilingane ncimishi nembangi iVolvo EX30 kodwa ibe yinde kuneMini Cooper SE engu-3.9m.
Ukungabi nkulu kwayo uyakubona nangaphakathi ngoba uma umude ngeke ukhululeke kahle ngemuva.
Izihlalo zangaphambili zingamaSabelt zikhavwe nge-Alcantara. Uhlala kube sengathi ugonile futhi zikubamba thaqa unganyakazi. Noma kunjalo kodwa ngizizwe zintofontofo.
Okunye okuthola ngaphambili yi-touchscreen infotainment system engu-10.25 inch. Kuvela khona iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo futhi kuvela nengemuva uma uhlehla.
IJunior Veloce inebhethri engu-54kWh. Amandla angu-207kW ne-torque engu-345Nm.
Akuwona amandla amancane lawa ngoba kuba wukulubeka nje unyawo ingacucuzi ibe ilinyusa ijubane. Lokhu kufakazelwa nawukuthi kuyithatha imizuzuwana engu-5.9 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h.
Emgwaqweni ungakulindela ukuthi ithi ukuqina mbijana ezindaweni ezimbi. Okunye okuqinile yisiteringi sayo esinesisinjwana.
Uma ushesha ushaya amakhona ubumnandi uyabuzwa kushode wona umsindo wezinqawe ongekho.
Umngani wami obethi asiye eMpangeni ugcine elale ngenxeba ngoba akwenzekanga.
Ngikubone kuzoba wumqansa ngoba ngithe uma ngibheka izindawo zokushaja kwi-app i-ChargePocket, kwavela ukuthi zigcina eBallito. Enye ize ibe seHluhluwe.
Ngesikhathi ngiyishaje yagcwala ibiveza ukuthi ingahamba u-350km kanti ukuya eMpangeni amakhilomitha alinganiselwa ku-162.
Bekuzokwenza sibuye sesimincile nokuyinto engeyinhle. Angikhishwanga phela mina inyoni, ngiyashesha ukwethuka. Uvalo beluvele lungithi heqe uma ngibona ibhethri isiyehla.
Ngokwami ikahle kakhulu uma uzolokhu uzishayela izindawo edolobheni okungasho kodwa ukuthi ngeke uyingene indlela ende, inqobo nje uma ungajahile khona uzolokhu uma ushaja. Ku-N3 nje, zikhona izindawo zomphakathi zokushaja.
Kukhona lapho engiyixhume khona kwishaja ngogesi wasendlini kungabo-4 ntambama isisele no-16%. Iveze ukuthi kuzoyithatha amahora angu-17 nemizuzu engu-42 ukuthi igcwale.
Nebala ngiyibheke ngabo-6 ekuseni ngafika iku-98%.
Kwa-Alfa bathi ukuyishaja endaweni esheshayo i-DC charger engu-100kW kuthatha imizuzu engu-30 ukusuka ku-20 iye ku-80%.
IJunior ingenye yezimoto ezibanga isicoco se-2026 South African Car of the Year okukhombisa izinga layo.
Intengo yayo kodwa icwebisa izinyembezi nokungenza ngingabaze ukuthi siyoke siyibone yanda emigwaqweni.
Intengo:
Junior Elettrica Veloce – R999 900
Zifika ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.
Related Topics: