Isikhulu sakwa-Isuzu Motors South Africa uBilly Tom
Image: IMSAf
IZINKAMPANI ezakha izimoto eNingizimu Afrika ziyaqhubeka nokuzwakalisa ukukhathazeka kwazo ngokwanda kwezilandwa kwamanye amazwe zizodayiswa kuleli.
Isikhulu sakwa-Isuzu Motors South Africa (IMSAf), uBilly Tom, sithe njengamanje imoto eyodwa kwezintathu ezidayisa kuleli yakhiwe khona futhi “sekuqala ukuba yinkathazo”.
Uthe imboni yezimoto iqasha abantu abaningi.
UTom ukhulume ngendlela efanayo neyesikhulu sakwaBMW South Africa, uPeter van Binsbergen, esicashunwe kwabezindaba naso siveza ukukhathazeka kwaso ngokufanayo.
UTom ubekhuluma nabezindaba efemini yenkampani ayengamele eStruandale, eGqeberha, lapho bebeveza khona ngokuthi izinto zihamba kanjani kubo nesimo semboni jikelele.
Uthe ngokwakhe ukwenyuswa kwentela yokuletha impahla evela kwamanye amazwe ukubona kusetshenziswa njengesikhali.
“Kukhona usomnotho obekhuluma ngokuthi kudala i-Asia ibihweba kakhulu namazwe asentshonalanga kodwa sekushintshile, i-Asia isiqala ukuhweba yodwa. Lezo zibalo ngicabanga ukuthi zihleli ngaphezu kuka-60% manje ihweba namazwe akuyo. Kuthina kunethuba elikhulu uma sihweba sodwa njengamazwe ase-Afrika. Njengamanje sihleli ku-17%. Cabanga uma singakuphinda kabili lokho?”
Uthe ufuna ukubona izinkampani zitshala imali zivula amafemu eNingizimu Afrika.
“Kumele kube nemihlomulo eyenza abantu bathi, ‘angifuni ukuletha izimoto kodwa ngifuna ukuzikhiqiza ngoba kunemihlomulo’,” kusho uTom.
U-2025 bawuchaze njengonyaka omuhle kwa-IMSAf eminyakeni eyisishiyagalombili bezimele emuva kokukhiqiza ngaphansi kweGeneral Motors kuleli.
Badayise izimoto ezingu-26 122 nokuyisibalo esinyuke ngo-12.2% uma kuqhathaniswa no-2024.
Ukuthengwa kwamaveni iD-Max, akhiwa eStruandale, kunyuke ngo-11.7% kwathi kwiMU-X izibalo zanyuka ngo-45.4% kudayiswa angu-1 326.
Izimoto abazakhe kuleli bazidayisa kwamanye amazwe ase-Afrika zibe ngu-5 371.
“Njenge-Isuzu Motors South Africa sigxile kakhulu e-Afrika,” kusho uTom.
Nonyaka bazokwethula i-D-Max ethuthukisiwe kanjalo namaloli amasha.
I-D-Max ethuthukisiwe iqubule imvunge kwabanye kwazise isinesikhashana yaqala ukutholakala eThailand.
Kwa-IMSAf bathi ngaphambi kokuqala ukudayisa imoto benza isiqiniseko sokuthi bayayihlolisisa ukuze ikwazi ukumelana nezidingo zamakhasimende akuleli nesimo semigwaqo.
“Ngisasho namanje, awuziboni izimoto zethu zithwelwe yi-tow truck. Akwenzeki ngenhlanhla. Yebo sinawo ama-tow truck, sithwala ezinye izimoto. Lokhu sikuzuza ngoba siyazihlolisisa,” kusho uTom.
Le nkampani iphinde yagcizelela ukuzibophezela kwayo ngokusebenzisana nosomabhizinisi bakuleli ukuyihlinzeka ngamaphathi.
Itshale uR260 million efemini i-VSL Manufacturing ephethwe wuVuyo Skweyiya noDeon van Zyl.
Le nkampani encikene nefemu yakwa-IMSAf yakha okusansimbi kweD-Max njengezicabha, ibhonethi nokunye.
Related Topics: