IMercedes-Benz 280SL Pagoda eyakhiwa phakathi kuka-1967 no-1971
Image: Fanelesibonge Bengu
ULWESINE bekuwusuku olukhulu nolubalulekile emlandweni wakwaMercedes-Benz ngoba bekuhlangana iminyaka engu-140 yaqala ukwakhiwa.
NgoJanuwari 29, 1886, yilapho uCarl Benz, ongomunye wabasunguli bale nkampani, abhalisa khona ayekusungulile okwabe kuyimoto yokuqala enamasondo nenjini.
IMercedes-Benz indlondlobale yaba yisikhondlakhondla senkampani edume nethandwa umhlaba wonke.
Ukugubha lolu suku, kwaMercedes-Benz bakhumbuze abantu umlando ngokubasingatha endaweni yokugcina amagugu iMakotopong Car Museum ngaphandle kwasePitoli.
Le ndawo yasungulwa wuPius Mokgokong othe uyise wayehamba ngeMercedes-Benz ngesikhathi esakhula.
Ngolunye usuku ehamba naye nomfowabo badlulwa yiPagoda eyabe iyisilahlamatende okwathi uma beyincoma uyise wacasuka.
IMercedes-Benz CLA entsha okukhona ehamba ngogesi nekaphethroli
Image: Sitthunyelwe
Kuthe uma esemdala wafeza iphupho lakhe ngokuthenga i-280SL Pagoda (W113) ngoR180 000.
Njengamanje le moto eyethulwa ngo-1967 uma uyithola inakekelwe kahle ibiza imali elinganiselwa kuR2.8 million.
UMakgokong, osemkhakheni wezimayini, uthe yilapho uthando lwakhe lokugcina nokuveza amaMercedes lwaqala khona. Njengamanje kunezimoto zamzukwana zale nkampani ezingaphezulu kuka-200 ezigciniwe futhi uthe kunenqwaba yasazisebenza ezizokhonjiswa.
KwaMercedes-Benz South Africa bathembise ukuthi nonyaka bazokwethula izimoto ezintsha.
Bakhela phezu kwesisekelo esiqale ngonyaka odlule lapho behlise khona intengo yeC-Class kanjalo neGLC enenjini kadizili.
Kungekudala kuzotheleka iGLC 200d 4Matic.
Izolandelwa yiCLA entsha ngekota yesibili yonyaka.
Kwezomtakabani kuzolethwa iMercedes-Maybach SL yokuqala ngqa kanjalo neMercedes-Mayback S680 V12 Edition.
Kwezithutha abantu kwethulwa iSprinter Inkanyezi XL elayisha abagibeli abangu-22.
Related Topics: