I-Vitz engenye yezimoto ezidayisa kakhulu kwaToyota South Africa Motors
Image: sithunyelwe
KUQALE ngamandla ukudayiswa kwezimoto ezintsha ngoJanuwari njengoba izibalo zinyukile uma kuqhathaniswa nenyanga efanayo ngo-2025, ngokusho kwe-naamsa.
Izibalo eziphezulu okusongwe ngazo unyaka odlule ziqhubekile njengoba kudayiswe izimoto ezingu-50 073. Lesi yisibalo esinyuke ngo-3 479 noma u-7.5% uma kuqhathaniswa no-46 594 owadayiswa ngoJanuwari nyakenye.
Nesibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle sinyukile, kodwa kancane, njengoba zibe ngu-24 568. NgoJanuwari ngonyaka odlule zazingu-24 432 okusho ukunyuka ngo-136 noma u-0.6%.
Kuzona zonke izimoto ezingu-50 073 ezidayisiwe, ezingu-42 753 noma u-85,4% zithengwe emagaraji, u-10.9% udayiselwe izinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.1% kube ngowezinkampani kwathi u-1.6% wathengwa wuhulumeni.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
1.Toyota - 11 786
2. Suzuki Auto - 6 410
3. Volkswagen Group SA - 4 774
4. Hyundai Automotive South Africa - 3 048
5. Ford Motor Company - 2 678
6. GWM SA - 2 521
7. Chery Auto South Africa - 2 258
8. Kia South Africa - 1 888
9. Mahindra - 1 671
10. Isuzu Motors South Africa - 1 606
11. Jetour South Africa - 1 550
12. Renault - 1 415
13. Omoda and Jaecoo South Africa - 1 413
14. Nissan - 1 133
15. BMW Group - 1 094
Related Topics: