Imoto eshiswe abantu
Image: Sigciniwe
KUVAMILE ukuthi abantu bacekele phansi izimoto zabanye ngamabomu ngoba becasulwe okuthile okanye ukubalaya.
Kwabanye abashayeli kucekelwa izimoto ezishaywa abasuke bexabana nabo emuva kokushayelisana kabi emgwaqweni.
Muva nje, bekuchwaza ezinkundleni zokuxhumana nge-vidiyo yowesifazane osolwa ngokushisa imoto yesoka emuva kwengxabano.
Imoto ishe yangqongqa kwasala igobolondo.
Uma imoto inomshwalense, izinkampani ziyaye zifune ukuthi umnikazi abikele amaphoyisa engakapheli amahora angu-24 ukuze kuqale uhlelo lokuthi ulungiselwe okanye unxeshezelwe.
Uma usubikile emaphoyiseni izinkampani zomshwalense nazo zivame ukufuna ukutshelwa ngokushesha.
Imoto ebulawe iwindi abashayeli bexabana emgwaqweni
Image: Sigciniwe
Kuyenzeka nokho ukuthi ngokuhamba kwesikhathi nikhumelane umlotha nosuke ecekele imoto yakho uze ufune ukulisula icala lokucekela impahla.
Isazi sezomthetho esingummeli, uMpumelelo Zikalala, sithi kuningi abantu okumele bakuqonde ngalokhu.
“Uma uvula amacala avulwa ngokwezigaba ezimbili. Elokucekela impahla ungathola inhlawulo ngalo noma uboshwe uma likulahla. Lelo ungakwazi ukulisula. Elesibili ngelokufuna isinxephezelo. Lelo liyinkinga ngoba umshwalense uhlale ufuna ukubuyisa imali olungisa ngayo imoto,” kusho uZikalala.
Uthe umshwalense awukuvumeli ukuthi usule icala lesinxephezelo ngoba yiwona osuke uzolahlekelwa.
“Uma usayina inkontileka yomshwalense usuke usho ukuthi uyabanikeza ilungelo lokubopha egameni lakho. Noma ngabe usuthi uyabonga ningalifaki icala kodwa wawunika umshwalense ilungelo. Umshwalense uthi kumnyama kubomvu sifuna ukubuyisa imali yethu noma ngabe nixolelene noma cha,” kusho uZikalala.
USipho Ngcobo weLusipho Financial Services uthe umshwalense awukhokhi uma ube nesandla ekutheni impahla yakho ilimale noma ilahleke.
“Uma begcina betholile ukuthi nina nobabili nigcine nivumelene ngeke bakhokhe,” kusho uNgcobo.
Uthe umshwalense usebenza ngombiko wamaphoyisa ukuthi kwenzekeni, futhi uma kunesidingo nawo uzenzela olwawo uphenyo.
Related Topics: