Ezemidlalo Ezezimoto

Ukuhlala uhamba 'ngelambu' likaphethroli kungabulala imoto

Fanelesibonge Bengu|Published

Ukuhlale uhamba ngophethroli noma udizili ongaphansi kwekota ethangini kungabulala imoto

Image: Fanelesibonge Bengu

ABASHAYELI abaningi banciphisa isikhathi sempilo yezimoto zabo bengazi ngokungazinakekeli kahle nangendlela abashayela ngayo, ngokusho kukaPieter Neimand owuMqondisi kazwelonke weMotor Industry Workshop Association (Miwa).

UNiemand uthe ukunganaki, ukungabi nolwazi olwanele nokuzama ukonga imali kwenza izimoto zilimale ngendlela engagwemeka.

“Njengomakhenikha abanegama, sihlale sibona izinkinga ezifanayo njalo. Abashayeli bangangeza iminyaka yezimoto ngokuzishayela kangcono nokuzinakekela ngendlela efanele,” kusho uNiemand.

Uthe nazi izinto ezivame ukwenziwa abashayeli:

Ukungaqondi indlela yokunakekela imoto

Abashayeli abaningi bakuthatha kancane ukubaluleka kokuhlale kuhlolwa imoto ngesikhathi esihleliwe. Ukubambezela ukuthi imoto ihlolwe nokusebenzisa omakhenikha abangagunyaziwe kwenza imoto ife kakhulu. UNeimand uthe wonke umshayeli kumele azi ukuthi lonke uketshezi olusebenza emotweni kumele lube ngakanani nokuhlale besebenzisa omakhenikha abanegama. Uthe akumele ugweme ukusevisa imoto ngoba izwakala ingenalutho.

Ukuziba amalambu ayisixwayiso nemiyalezo

Ukuziba amalambu ayisixwayiso kwi-cluster yilona phutha elikhulu abashayeli abalenzayo. Ukuqhubeka nokushayela imoto iveza ilambu lenjini kungennza ukuthi injini noma u-gearbox kufe, kufe indlela efaka ngayo uphethroli noma kuphazamise amabhreki. Uma ilambu likhanya kuthathe njengento ephuthumayo uyeke ngaleso sikhathi ukushayela imoto.

Ukukhetha umakhenikha oshibhile

Ukushibha akusho ukuthi kungcono. Amagarji agunyaziwe alandela imithetho efanele nokuphepha. Amagaraji angagunyaziwe isikhathi esiningi awanawo amathuluzi noma amava ebuchwephesheni besimanje.

Ukugwema ukushintsha amafutha noma ukusebenzisa asezingeni eliphansi

“Amafutha enjini ayigazi lemoto yakho,” kusho uNiemand. Ukusebenzisa amafutha angafanele noma asezingeni eliphansi kwenza imoto ishise ngokweqile futhi ubulale i-turbocharger. Hlala usebenzisa okuphasiswe yinkampani yemoto.

Ukushayela mawala imoto isabanda

Ukureva kakhulu imoto injini isabanda kuyayibulala. Amafuttha abandayo awamatisi kahle nokungenza ukuthi kulimale i-timing chain, ama-piston ring nezinkinga ze-turbo. Shayela imizuzu engu-30 kuya ku-60 kahle ngaphambi kokunyusa isivinini.

Kubalulekile ukusevisa Imoto ngesikhathi ukuze ikulonde isikhathi eside

Image: sigciniwe

Ukungashintshi kahle amagiya

“O-gearbox abaningi babulawa wumshayeli hhayi u-gearbox,” kusho uNiemand. Ukuphumuza unyawo kwi-clutch, ukuyibamba endaweni enyukelayo noma ukuphoqa ukushintsha igiya kwenza imoto ilimale kungenasidingo.

Ukuhamba ngophethroli omncane

Uphethroli upholisa futhi umatisa i-pump. Ukuhlalauhamba ngophethroli ongaphansi kwekota yethangi kungabulala ama-injector ne-fuel pump kudonse udoti. Izindleko zokulungisa lokho ziyanyuka ezimotweni zakamuva.

Ukunganaki ama-filter namabhande 

Ama-air filter, fuel filter nama-timing belts amqoka empilweni yenjini yemoto. Ukuhluleka ukushintsha lokhu ngesikhathi esifanele kungenza injini ingasebenzi kahle noma ife.

Ukungafuthi ngendlela amathayi nokunganaki amasondo

Amathayi aphansi nangaqondile kahle akulimazi wona kuphela kodwa kufaka ingcindezi kwi-suspension nokuhambisana nesteringi, wheel bearing namaCV joints. Kumele uhlale ubheka umoya wamasondo njalo ngenyanga futhi wenze i-wheel alignment kabili ngonyaka.

Ukulayisha ngokweqile emotweni

Ukuhlala ulayishe ngokungaphezu kokwakhelwe imoto kufaka ingcindezi kwi-suspension, amabhreki, amathayi no-gearbox.

“Imoto yakho yakhelwe ukuthwala umthwalo oyisisindo esithile. Ukuhlala weqa kulokhu kuzoyenza isheshe ife,” kusho uNiemand.

Ukuziba ukunakekela okokupholisa injini

Ukushisa ngokweqile yinkinga enkulu edala ukufa kwenjini. Ukusebenzisa amanzi kuphela kune-coolant efanele, ukuziba ukuvuza nokuhluleka ukushintsha i-coolant ngesikhathi esifanele kubeka injini yakho engozini.  

Ukungashayeli ngendlela

Ukushayela ngobunono iyona ndlela elula yokuvikela amaphathi emoto yakho. Ukunyathela amafutha mawala, ukubhreka kakhulu kungazelele nokushintshashintsha isivinini kunyusa indlela imoto edla ngayo izinto enjinini nasemabhrekini.