ISUZU D-MAX X-Rider Black okwakhiwe angu-150 kuphela kulo nyaka
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: ISUZU D-MAX X-RIDER BLACK
UMLANDO usuziphindile kwa-Isuzu Motors South Africa ngokwethula iD-MaX X-Rider Black yekhethelo.
Uma ukhumbula, iX-Rider iqale ukuba khona kwiD-MAX endala ngo-2016, njengemoto yekhethelo, abantu bayamukela kahle.
Kuphele isikhashana kwenziwa iX-Rider Black eyadayisa yaphela kodwa ngenxa yedumela yaphinde yabuyiswa.
Kuthe uma kwethulwa iD-MAX, okuyinhlobo yesikhombisa ekhona njengamanje, iX-Rider ibingabonwa kwaze kwaba wunyaka owedlule.
Njengakwendala, kwa-Isuzu bandise izinhlobo zayo ngokwenza iX-Rider Black.
Kulo nyaka bakhe angu-150 kuphela okuyenza ibe ngeyekhethelo kakhulu. Ngokubona kwami maningi amathuba okuthi wande umthamo ngonyaka ozayo.
I-ISUZU D-Max X-Rider Black ikwazi ukudonsa inqola enesisindo esingu-2.1 tons
Image: Fanelesibonge Bengu
Njengokuzisho kwegama, imnyama suce emzimbeni bese isho ngombala ebomvu egameni lakwa-Isuzu ngaphambili njengakwiX-rider ejwayelejile esuselwe kwiD-MAX LS.
Umbala obomvu uwuthola naphakathi nendawo kumarimu angu-18 inch nawo amnyama nakwi-sports bar esihlukile.
Ukube kuya ngami bengingeke ngiwufake umhlobiso osezicabheni ngezansi, kunalokho ngiyishiye imnyama
Umbala omnyama ufuna inono elizoyiwasha kahle ukuze ubuhle bayo buzohlala obala.
Ikhanyisa ngamalambu angamaLED kanjalo namaLED daytime running lights.
Ngiyakuthanda ukuthi ngemuva esikhenkeni kunerabha phakathi bese uba noseyili wokufihla impahla.
Ngaphakathi imnyama kodwa izitishi ezibomvu ziyenza ibukeke i-sporty.
Izitishi lezi zisezihlalweni zesikhumba futhi ezangaphambili ziqoshwe u-X kuma-headrest.
Umbala obomvu lo bawufake nasezibanjeni zezicabha, ikwi-dashboard bese kuba nezitishi ngasegiyeni nasesiteringini.
ZININGI izindawo zokubeka izinto ngapahakathi kwi-Isuzu D-Max X-Rider Black
Image: Fanelesibonge Bengu
Engikuthanda kakhulu ngayo wukuthi ayikho into ekudidayo ngaphakathi, konke kuhleli phambi kwakho njengomshayeli. Kune-touchscreen infotainment system engu-7 inch. Uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo futhi ubona khona ingemuva uhlehla njengoba inekhamera.
Kuhle ukuthi kusenamabhathini okwenza izinto njengokuhlela amazinga okushisa akwenziwa konke kwi-touchscreen. Kushoda izimbobo zokushaja nge-USB njengoba iyodwa ngaphambili futhi nakhona akuyona ewu-Type C. Ikhona futhi enye imbobo eyodwa yabagibeli abangemuva.
Indlela evuleke ngayo ngaphakathi ingigculisile futhi kunezindawo eziningi zokubeka izinto neziphuzo njengesigubhu sami samanzi esingu-1.5l engingahlukani naso.
Okunye okungigculisile yindlela ehamba ngayo emgwaqweni ngoba iyonga. Abayifakanga le njini enkulu engu-3.0l, kunalokho bayifake engu-1.9l four-cylinder turbodiesel.
Inamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm no-gearbox oyi-6 speed auto.
Uyayizwa ukuthi akuyona engu-3.0l, ikakhulukazi uma uzama ukunyusa ijubane ngokushesha emgwaqweni ovulekile.
Lokho kodwa akusho ukuthi iyivila futhi ayinamandla njengoba ikwazi ngisho ukudonsa isisindo esingu-2.1 tons.
Isikhathi esiningi ngisichithe ngizulazula edolobheni, yaveza ukuthi idla amalitha angu-8.9 ngo-100km nokuyinto enhle.
Uyayibona ukuthi yimoto yokuhamba khona belu edolobheni ngenxa yobuhle bayo kodwa ukhululeke ngaphakathi ngokuthi mhla uya kwagogo ngeke uxakeke. Lena iyi-4x4 ephinde ibe ne-diff lock neHill Descent Control.
Injalo nje, bayifake inqwaba yezinsiza zomshayeli nezokuphepha kanjalo nama-airbag.
Intengo:
1.9 Ddi D/Cab 4x4 X-RIDER BLACK AT RHD: R770 400.00
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, warranty ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.
Related Topics: