I-HYUNDAI Grand i10 ngesikhathi ihlolwa ukuphepha ngabeGlobal NCAP
Image: Global NCAP
I-GRAND i10 yakhiwa e-India kanti ifika nama-airbag amabili omshayeli nomgibeli wangaphambili. Ayinayo i-Electronic Stability Control elekelela ukuthi imoto ingasheleli kodwa iye lapho umshayeli efuna khona.
I-AA ithe kulandela ukukhipha kwayo isitatimende ngeGrand i10 baningi abayithintayo bekhathazekile.
Ithe uhlelo lwe #SaferCarsForAfrica lwaqalwa ngo-2017, ngenhloso yokuhlola ngokuzimela izimoto ezithandwayo ezibiza imali ephansi e-Afrika.
I-AUTOMOBILE Association of South Africa (AA) icebisa abanikazi bamaHyundai Grand i10 kulandela ukubhacaza kwayo ngesikhathi ihlolwa ukuphepha kwabagibeli uma isengozini.
I-AA yazwakalisa ukukhathazeka kwayo ngenyanga edlule ngokuthi iGrand i10 edayisa eNingizimu Afrika, ithole iqanda ngesikhathi ihlolwa ukuvikela kwayo abagibeli abadala ngaphakathi yathola ezintathu ngokuvikela izingane.
Yayihlolwa yinhlangano ezimele evivinya ukuphepha kwezimoto iGlobal NCAP ngaphansi komkhankaso i #SaferCarsForAfrica.
I-HYNDAI Grand i10 edayisa eNingizimu Afrika
Image: Sithunyelwe
Iqhube yathi iyazithengela izimoto ngale kokumemezela bese ziyohlolwa eGermany.
“Iqhaza le-AA ukwazisa, hhayi ukushaya umthetho. Njengezishoshovu ezihamba phambili ezweni zabathengi nokuphepha, i-AA ayinawo amandla okuvimba ukudayisa kwezimoto ezingekho sezingeni eligunyaziwe lokuphepha futhi ayizincomi lezo zinkampani noma izimoto.”
Ithe ekwenzayo ukuveza okushodayo ezimotweni ngokushicilela imiphumela yokuhlola ngenhloso yokusiza amakhasimende ukuthi athathe izinqumo zokuthenga enobufakazi kunokukholwa izikhangiso zezinkampani.
Yeluleke abanikazi bezimoto ezihloliwe zashaya udaka ngokuthi uma kwenzeka, abazishintshe bathathe eziphephile. Ithe iyazi ukuthi kungaba nzima kwabanye ngenxa yezizathu ezahlukene.
“Kubalulekile ukucacisa ukuthi imiphumela yokuhlola ayisho ukuthi imoto ayikho semthethweni ukuthi ingashayelwa kodwa ukuhlola kweNCAP kuveza ukuthi mangakanani amathuba okuvikela abagibeli uma kunengozi.”
Ithe iyakuqonda ukukhathazeka kwabantu ngokuthi aziziningi izimoto ezihlolwayo. Isizathu wukuthi kuyabiza okuhlanganisa ukuthenga imoto bese iyiswa e-Europe ukuyovivinywa.
Naphezu kwalokhu, izibophezele ngokusabalala inyuse umthamo wezimoto ezihlolayo ezidayisa kuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika.
Iqhinga layo ithe ukusungula uhlelo i-Africa NCAP ukuze kunciphe izindleko.
Related Topics: