UMA uyibuka unganakile ngemuva iLeapmotor C10 REEV ungazitshela ukuthi yiPorsche Cayenne
Image: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: LEAPMOTOR C10 REEV
EZINSUKWINI ezedlule ekuseni ngiphuma ukuyogijima ebhishi ngidlule kwesinye sezitolo ezidayisa ukudla ngihalela amahewu.
Ngithe sengingene emotweni ngipake eceleni komgwaqo ngahlala ngathi ukushaya ngaphambi kokungena indlela.
Ngisahleli kuvele kwapaka iHyundai Tucson eduze kwami.
Angifuni ukuqamba amanga, ngivele nganengeka ngoba emqondweni ngifikelwe wukuthi ucuthele indawo yokupaka. Ufuna ukubuza ukuthi yini bese yena eyangena.
Ngithe ngehlisa iwindi, ubuso bami sebuyixoxa yonke indaba kwazise bengisazitika ngamahewu ngoba nomgwaqo ubusukuqede konke ebengiphume ngikumayile, ubaba lo wathi uncoma imoto.
Uthe uyaqala ukuyibona futhi yinhle. Ubuso ngibushintshe ngaleso sikhathi ngamamatheka ngibonga nginconcoza qede wayishaya yazula iTucson yakhe.
Akuyena yedwa oncome ubuhle bayo. Ngipake epaki ngiyithatha izithombe kunomunye umfo obedlula obabaze eseduze ngamuzwa ethi: “bengithi yiPorsche!”
Kube wukuqala kwendaba cishe edonse ihora nohhafu sizixoxela nje kwayima ngasekugcineni kwengxoxo sengithola igama lakhe ukuthi unguLunga nami ngazisho.
Ngimlandise ngomlando weLeapmotor ukuthi yinkampani entsha yaseChina esungulwe ngo-2015.
AMABHATHINI wumlando kwiLeapmotor C10 njengoba yonke into uyenza kwi-touchscreen infotainment system
Image: FANELSIBONGE BENGU
ENingizimu Afrika ifike unyaka odlule usuyophela ilethwa yinkampani enkulukazi yezimoto emhlabeni iStellantis.
Ngaphansi kweStelllantis kunezinkampani eziningi okubalwa kuzo iJeep, Peugeot, Citroën, Opel nezinye.
I-C10 iyona moto yabo yokuqala abayilethe kuleli, futhi ngivumelana nabo bobabili engikhulume ngabo ngenhla ngabakushoyo.
Ebesihamba ngayo yiyona efika iphethe konke iDesign. Inamalambu angamaLED ngaphambili nama-fog lights ngezansi. Amarimu angu-20 inch, inama-roof rails, i-panoramic sunroof engavuleki njengakwiBMW X3 bese kuthi ngemuva amalambu abe ngamaLED nakhona. Yingemuva lapho ungaze ucishe uyifanise khona nePorsche.
Uyabona ubaba weTucson ngeke ngithuke ngelinye ilanga sengimbona eseshintshele kuyo.
Lokho ngikusho ngoba ngokobukhulu nangentengo, uma ufuna imoto yomndeni, iTucson ingaba ngenye yezimbangi. Ungabala neKia Sportage, Haval H6, VW Tiguan nezinye.
Ungayifaka neChery Tiggo 8 CHS neJaecoo J7 SHS.
Ukungena ngaphakathi kuyona iC10 kumele usebenzise ikhadi olithintisa esibukweni ngasohlangothini lomshayeli. Noma usuyikhiya futhi wenza okufanayo.
Bekuyisicefe lokhu angazi ukuthi kungani ingahogeli ukuthi useduze nekhadi bese iyavuleka noma ikhiye uma uqhela.
Ngicasuke kabi ngiphethe izimpahla ngiyozilayisha ebhuthini kwaphoqa ukuthi ngizibeke phansi ngiqale kulona belu iwindi ngiyocobhoza.
Izibambo zezicabha zenza ibukeke kahle ngoba zicashile. Uma usuvula usithinta eceleni siphakame bese uyasidonsa isibambo. Bekungaba mnandi ukuba siyaziphakamela.
Ngaphakathi isikhala wudedangendlale akekho osalayo emndenini. Nasebhuthini isikhala sikahle futhi ngiyakuthanda ukuthi kukhona nesondo eliyisipele.
Ngemuva abagibeli abathathu bahlala ngokukhululeka akekho ongakhala ngokumpintsheka kwamadolo.
Kunezimbobo zokukhipha umoya nezimbili zokushaja nge-USB.
I-C10 yimoto yokuqala yakwaLeapmotor eNingizimu Afrika
Image: FANELESIBONGE BENGU
Ezangaphambili izihlalo zihlelwa ngogesi futhi ziyabanda noma zifudumale uma uthanda. Okunye okufudumalayo yisiteringi.
Izihlalo nesiteringi kuyisikhumba.
Uma uqaphela alikho nelilodwa ibhathini. Yingoba konke ukwenza kwi-touchscreen infotainment system engu-14.60 inch.
Uma ngithi konke ngibala ukuvula ibhuthi, ukuvula lapho kufakwa khona uphethroli, ukuhlela izibuko emaceleni, ukuhlela amazinga okushisa, ama-drive modes, ukudlala umsakazo, ukuveza inkombandlela nokuhlela imoto.
Awukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto kunalokho iselula uyiveza ngqo uma usukwazile ukubamba imidanti yakhona.
Kuningi nami okunye obekungidida ngikubamba ngendlela.
Uma usuhamba ayidunyiswa kunalokho unyathela ibhreki bese ubeka ikhadi lapho okuphinde kube yindawo yokushaja iselula khona ngaphandle kwentambo bese ibhala ukuthi ‘ready’ kwi digital instrument cluster.
Isuka buthule kwazise ihamba ngogesi webhethri kodwa uyakwazi ukwetha uphethroli.
Ibhethri lingu-28.4 kWh abathi uma lishajiwe uhambe ngaphezulu kuka-140km.
Uphethroli uwufaka ethangini elingu-50 litres ukuze usebenze kwi-generator eshaja ibhethri uma seliphela ukuze uhambe ibanga elithe xaxa. U-REEV osegameni layo umele uRange Extender Electric Vehicle.
Ibhethri liyazibuyisa amandla futhi uma udedela i-accelerator noma ubhreka.
Uma ushintsha ama-drive modes uyayizwa i-generator isiduma. Uze ufise sengathi ungayishintsha igiya khona izothi ukunciphisa kancane ukuduma ngoba ibanga umsindo owodwa oshintsha uma unciphisa ukunyathela i-accelerator.
Amandla enawo angu-158kW ne-torque engu-320Nm.
Abengashodi ngiyigibeza uN3 ngibheke eMgungundlovu. Amaloli bengiwadlula kalula ngale kwenkinga.
Nasemgwaqeni ibintofontofo.
Ngihambe ngaphansi kancane kwamakhilomitha angu-600 ngaphambi kokuthi kuphele konke. Kuphethroli ibidla 7.1l/100km no-16.2kWh/100km kugesi.
Okunye edle ngakho yinqwaba yezinto zokuphepha. Ngisho ususa amehlo uthi uyaqalaza iyakuceba ukuthi awusabhekile phambili.
Inamakhamera aveza umzimba wonke, iyasho uma uphuma emzileni, iyasho uma uzoshayisa ngaphmbili ibhreke nokunye okuningi.
Uma usuyijwayele ugcina ungayiboni inkinga kuyo kodwa kumele baphuthume nge-app yeselula ukuze kube lula ukuyivula nokuyivala.
Intengo:
C10 REEV Design – R799 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km kanjalo ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-150 000km.
Related Topics: