Ezemidlalo Ezezimoto

I-BYD yethule imoto kagesi eshibhe kunazo zonke kuleli

Published

I-BYD Dolphin Surf entsha eyakhelwe ukuhamba edolobheni

Image: Sithunyelwe

IMOTO: BYD DOLPHIN SURF

IZIMOTO zikagesi azikandi eNingizimu Afrika futhi enye yembangela yalokho yintengo enyuswa yintela efakwa kuzo.

I-BYD seyethule eshibhe kunazo zonke iDolphin Surf abathi ngeyokwehla wenyuka edolobheni.

Imoto kagesi ebiza kancane ngaphambi kokufika kwayo bekuyiDayun 5 eqala kuR399 900.

IDolphin Surf bathi yakhelwe izitshudeni, abasebasha abasebenzayo namakhosikazi afuna imoto yokulanda izingane esikoleni nokwehla wenyuka.

Le moto okuyiyona encane kwaBYD enebhethri engu-30kWh ongakwazi ukuhamba ibanga elingu-232km. Enye inelikhudlwana elingu-38.8.kWh ongahamba 295km.

Amandla azo zombili angu-55kW ne-torque engu-135.

Ukuzishaja bathi kuthatha imizuzu engu-30 ukuyisusa 30% iye ku-80% webhethri ngeshaja esheshayo.

Nasekhaya uyakwazi ukuyishaja njengoba ifika ne-Wall Box engu-7 kW bese ungalindela ukuthi kungakuthatha amahora angaphansi kwayisithupha ukuthi igcwale. Uyakwazi nokuyisebenzisa njenge-power bank ukuxhuma izinto zikagesi ezinkudlwana kuyo ngaphandle.

Ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system engu-10.1-inch ephendukayo. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto.

Isikhala sebhuthi singu-230 litres kodwa uyakwazi ukusandisa sibe ngu-930l uma ulalise izihlalo.

Okunye enakho kubalwa ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, cruise control ne-ABS.

Kwiselula ufaka i-app yakhona oyisebenzisela ukuyikhiya noma ukuvula imoto, ukubheka ukuthi ibhethri ingakanani, ukubheka imoto ukuthi ikuphi nokuhlela amazinga okushisa ungakangeni kuyo.

Intengo:

BYD Dolphin Surf Dynamic: R389,900

BYD Dolphin Surf Comfort: R339,900

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-200 000km.