IToyota Crolla Cross ngesikhathi ihlolwa amazinga okuphepha ngabe Global NCAP
Image: Sithunyelwe
I-Automobile Association (AA) isizwakalise ukukhathazeka ngezinga lokuphepha kweToyota Corolla Cross kulandela ukuthola kwayo izinkanyezi ezimbili ngesikhathi kuhlolwa indlela evikela ngayo abagibeli abadala uma iba sengozini.
I-Corolla Cross, eyakhiwa eProspecton, eThekwini, ibihlolwa ngaphansi komkhankaso weGlobal NCAP i #SaferCarsForAfrica.
Ithole izinkanyezi ezintathu ngokuvikela izingane.
I-AA ithe iCorolla Cross inama-airbag omshayeli nomgibeli ngaphambili, eyaseceleni emzimbeni, eyasedolweni ohlangothini lomshayeli ne-Electronic Stability Control (ESC). Ithe kodwa ayinakho okokuvikela ikhanda nokuyinto ebalulekile ezimotweni zakamuva.
Izinhlobo ezibiza kancane zeCorolla Cross azinawo ama-curtain airbag njengezibiza imali ethe xaxa.
Ngokwemithetho yakamuva yeGlobal NCAP, zonke izinhlobo zezimoto kumele zibe nawo ama-curtain airbag ukuze zithole amaphuzu hhayi ukuthi umnikazi awathole uma ethanda noma kwezikhethekile.
Isikhulu seGlobal NCAP, uRichard Woods, sithe izinkampani ezifana neToyota ziyakwazi ukwakha izimoto eziphephile ngakho abathengi base-Afrika kumele bathole okokuphepha okufanayo nokutholwa ngabakwezinye izingxenye zomhlaba.
Uthe kuseqhulwini kubo ukuthi baveze lokhu kungafani okubonakalayo.
Isikhulu sakwa-AA, uBobby Ramagwede, sithe le miphumela iyakhathaza.
“Asikho ngempela isizathu sokuthi kungani kungabi khona okokuvikela ikhanda ohlangothini kwintandokazi iToyota Corolla Cross. Lokhu kuyaphinda kuveza umkhuba oqhubekayo wokuthi izimoto ezidayiswa e-Afrika azikho ezingeni lokuphepha njengezakwezinye izindawo. Abashayeli baseNingizimu Afrika bafanelwe okungcono kakhulu ngoba iCorolla Cross yakhiwa lapha futhi yakhiwe efemini yakwaToyota eProspecton KwaZulu-Natal,” kusho uRamagwede.
IToyota South Africa Motors ithe iyazi ngesitatimende se-AA mayelana nemiphumela yokuhlolwa kweCorolla Cross.
URefilwe Ramatlhodi Ndhlovu oyiCorporate Communications Manager, uthe iCorolla Cross ihambisana nayo yonke imigomo yakuleli yezokuphepha futhi iyayedlula.
“ICorolla Cross inezinto eziningi zokuphepha ezihlanganisa ama-airbag omshayeli, umgibeli, ohlangothini nasedolweni kumshayeli kanjalo nama-curtain airbag kwiXR neGR-S.”
Uthe iphinde ibe nokunye okubalwa kukho iVehicle Stability Control, ABS, Brake Assist ne-Electronic Brakeforce Distribution kuzo zonke izinhlobo.
Uthe imiphumela yeGlobal NCAP iqondane nesikhathi lapho bebesabhunga ngokuthi ama-curtain airbag kumele atholakale kuzo zonke izinhlobo zeCorolla Cross edayisa kuleli.