I-Volvo EX60 entsha okubhekwe ukuthi itheleke eNingizimu Afrika ngasekupheleni konyaka
Image: Sithunyelwe
IMOTO: VOLVO EX60
IZOTHELEKA eNingizimu Afrika ngekota yesithathu ka-2026 iVolvo EX60 entsha esanda kuvezwa okokuqala emhlabeni jikelele.
I-EX60, okuyiSUV elayisha abagibeli abahlanu, bathi uma uyishaje yagcwala edonsa ngamasondo amane ukwazi ukuhamba 810km.
Le mbangi yeBMW iX3 bathi ukwazi ukuyishaja ngeshaja engu-400kW eyenza ukuthi kuthathe imizuzu engu-10 ukwengeza u-340km ebangeni ongalihamba.
Ngokwezinjini zikagesi ifika ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiP12 AWD Electric nokuyiyo ehamba u-810km uma igcwele.
Eyesibii yi-P10 AWD Electric ehamba u-660km nedonsa ngamasondo angemuva iP6 ehamba u-620km uma igcwele.
Ngaphakathi ifika nezipikha ezingu-28 zeBowerrs & Wilkins. Zihlanganisa nezikuma-headrest ezihlalweni ezine.
KwaVolvo bathi yiyona moto yabo ehlakaniphe kakhulu kwesabake bazakha njengoba ukwazi ukukhuluma nayo.
Kwezokuphepha, okuyinto kwaVolvo abayibeka eqhulwini, bathi igabe ngokuningi njengebhande eliseqophelweni eliphezulu.
I-EX60 yethulwe kanye kanye ne-EX60 Cross Country evumela amakhasimende ukuthi ahambe nasobhuqwini.
Ifika nombala obizwa ngoFrost Green otholakala kuyona uphela. Ngale kwalokho inamasondo ahlukile, iqoshwe uCross Country kubhampa ngaphambili nangemuva futhi inamakhwapha amasondo aqumbile.
Igabade ilishiye ngo-20mm ukwedlula i-EX60 eyejwayelekile. Nge-air suspension iphinde iphakame ngomunye u-20mm uma kunesidingo. I-air suspension iyakwazi futhi ukuphinde iyehlise imoto.
Amakhasimende akhetha kwiP10 AWD Electric ehamba 640km neP12 AWD Electric ehamba ibanga elithe xaxa.
Related Topics: