Ezemidlalo Ezezimoto

Igubha iminyaka engu-10 i-Africa Ubuntu Bikers Run

Fanelesibonge Bengu|Published

ABAGIBELI bezithuthuthu bazothuthekeka eGreytown ngeSonto emcimbini i-Africa Ubuntu Bikers Run

Image: Sithunyelwe

UGUBHA iminyaka engu-10 wasungulwa umcimbi wabagibeli bezithuthuthu basezindaweni ezahlukene lapho bethatha khona nesifungo sokuqinisekisa ezokuphepha emgwaqweni, i-Africa Ubuntu Bikers Run, ozoba seGreytown ngeSonto.

Umhleli womcimbi uMnuz Sikhumbuzo “3.0” Dlamini uthe umcimbi wenzeka ngesikhathi esifanayo emazweni ahlukene i-Afrika yonke nakuzo zonke izifundazwe zakuleli.

“Sizogubha ukuthi sesihambe iminyaka emingaka sihloniphana nabezimoto, umphakathi, amaloli, amatekisi nabahamba ngezinyawo. Sizofunga ukuthi sizoqhubeka nokuhlonipha umgwaqo futhi sicele ukuthi nabanye basihloniphe,” kusho uDlamini.

Uthe bameme nabezithuthuthu ezithutha impahla ukuze nabo bathathe isifungo sokuhlonipha imithetho nabasebenzisi bomgwaqo.

“Siyacela ukuthi abantu basibekezelele emigwaqweni kusuka ngo-5 ekuseni ngeSonto iKwaZulu-Natal yonke ngoba zonke izithuthuthu zizobe zibheke eGreytown. Ngezikhathi zesidlo sasemini zizobe sezigoduka zibuyela emakhaya.”

Uthe abafuna ukuzobuka bamenyiwe eKing Edward Park lapho bezobe bekhona ngoba kungenwa mahhala.

IBHEJI elizotholwa abashayeli bezithuthuthu abazohambela i-Africa Ubuntu Bikers Run eGreytown ngeSonto

Image: Sithunyelwe