Ezemidlalo Ezezimoto

Isimo sibukeka sibuyela kwesangaphambi kweCovid-19 ezimotweni

Fanelesibonge Bengu|Published

BYD SHARK

Image: SITHUNYELWE

U-2025 ube wunyaka omatasa kakhulu emagaraji ezimoto eNingizimu Afrika, abantu bephuma bengena bethenga ezintsha.

Imboni ibisembhidlangweni wokuthi ukuthengwa kwezimoto kubuyele esimweni sangaphambi kokubheduka kweCovid-19.

Ngo-2019, kwadayiswa izimoto ezintsha ezingu-536 604 eNingizimu Afrika. Kusuka lapho izibalo azikaze zibuyele ngaphezu kwalokho.

TATAT TIAGO

Image: Sithunyelwe

Ngo-2024, kudayiswe ezingu-515 712.

Ekuqaleni konyaka, isikhulu sakwaToyota South Africa Motors, u-Andrew Kirby, sabalula ukuthi ukuze imboni yakuleli ibe nozinzo kumele kudayiswe ezilinganiselwa ku-600 000 ngonyaka.

Kulezi zinyanga ezedlule, bekudayiswa izimoto ezingaphezu kuka-50 000 ngenyanga. Kuze kube wuNovemba sezingu-547 835 izimoto ezidayisiwe.

OMODA C7

Image: SITHUNYELWE

Kungenxa yokuthi kufike nezinkampani ezintsha ezinye zazethula kabusha.

Nazi izithombe zezinye zezimoto ezintsha ezifike kulo nyaka:

VOLVO EX90

Image: SITHUNYELWE

RENAULT DUSTER

Image: SITHUNYELWE

VW GOLF

Image: SITHUNYELWE