Ezemidlalo Ezezimoto

Eyokuhamba nomndeni ngokukhululeka iVW Tayron

Fanelesibonge Bengu|Published

I-VOLKWAGEN Tayron yiSUV entsha yakwaVW engena esikhaleni seTiguan Allspace

Image: SITHUNYELWE

IMOTO: VOLKSWAGEN TAYRON

NGESIKHATHI sekufanele kuze iTiguan Allspace entsha kwaVolkswagen bavele bashintsha ukwenza isikhala sayo basivala ngeSUV entsha sha, iTayron.

Ngeke ubasole abebeyilindele ngoba ekupheleni konyaka odlule kutheleke iTiguan entsha ngakho belikhona ithemba lokuthi kuzolandela enesikhala esithe xaxa.

Angiboni bengakhala ngoba iTayron isivala khaxa leso sikhala ngoba nayo inkulu. Ilayisha abagibeli abayisikhombisa noma singesikhulu kakhulu isikhala ezihlalweni zangemuva.

Uma izihlalo zimi zonke isikhala asisimbi kangako njengoba singu-345 litres. Uma nokho uzilalisile siba ngu-850 litres nokuyinto enkulu njengoba iTiguan yona inebhuthi engu-652 litres.

Ngaphambili ngaphakathi uvele ubone ukuthi bese bemane beyetha igama elisha nje noma ngabe bebengaqhubeka neleTiguan Allspace bebezobe abonanga ngoba ziyefana.

Bayenze yabukeka kahle ngokuyincisha uxhaxha lwamabhathini, kunalokho bafaka i-touchscreen infotainment system enkulu.

Iyona nhliziyo yayo ngoba konke ukwenza khona njengokuhlela amazinga okushisa, isimo semoto uma kukhona okumele ukulungise kuvela khona, udlala umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo nokunye.

Ngiyakuthanda ukuthi umshayeli nomgibeli bazihlelela ngendlela abafisa ngayo amazinga okushisa ngokunjalo nabangemuva.

Okunye engikuthandayo wukuba lula ukunyusa nokunciphisa umsindo ngoba inkinobho isakhona futhi ibuye ishintshe kube ngeyokuhlela ama-drive modes.

Ukuthatha kwabo igiya balinameke ohlangothini lwesiteringi akugcini ngokuyenza ibukeke kahle kodwa kuvula isikhala sokubeka amaselula nezinye izinto ezincane.

Okhakhayini - ebesihamba ngayo - bayengeze i-panoramic sunroof.

Ebusuku ine-ambient lighting ekhanyisa ngayo kahle ngaphakathi.

Ngisekuyo eyokukhanya, ngaphandle bafake amaLED headlights. Ebusuku bathathe okwenzeka kwiTouareg yakwabo ngokuthi ikhanye uphawu lakwaVW ngaphambili nangemuva nokuyenza ibe yinhle.

Ngaphansi kwebhonethi bafake injini abayethembayo oyifica nakwezinye izinhlobo zezimoto zakwaVW.

Ingu-1.4 litres enamandla angu-110kW ne-torque engu-250Nm. U-gearbox uyi-7 speed DSG oshintsha kamnandi.

Nasemgwaqweni intofontofo, ububi bomgwaqo awubuzweli kakhulu nokusizwa ngamasondo anerabha enkulu namarimu angu-18 inch.

Bengihamba ngokukhululeka ngoba kuningi obekungisiza abakwengezile. Bafake i-IQ Drive Package ehlanganisa i-adaptive cruise control, iyasho uma uphuma emzileni nokunye.

Angikakayiboni emgwaqweni engingazi ukuthi kudalwa wukuthi abantu bancamela izimbangi ezifana neChery Tiggo 8 Pro Max yini. Noma kunjalo kodwa abanemindeni bazoyijabulela le nsimbi eyakhiwe eJalimane.

Intengo:

Tayron 1.4 TSI 110kW Life DSG - R 853 800

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12 ne-warranty yeminyaka emithathu noma -120 000km.