IBMW 1 Series ikhanyisa ngamalambu angamaLED enza ubone kahle ebusuku
Image: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: BMW 1 SERIES
NGENDLELA imicimbi ethe chithi saka ngayo ngize ngafikelwa umcabango wokuthi ukube i-1 Series iwumuntu nakanjani kwaBMW ngabe kukhona abayihlelele khona.
Phela kulo nyaka kuhlangana iminyaka engu-21 yaqala ukwakhiwa. Leyo yiminyaka ibalulekile kumuntu kangangokuba uze anikwe isikhiye sokuthi aqale impilo.
Ukhiye utholwe yimi kwathiwa angizwe amandla e-1 Series entsha eyethulwe nonyaka.
Okokuqala edlisela ngakho ogageni izimbangi i-Audi A3 ne-Mercedes-Benz A-Class yintengo yayo.
Yona iqala ku-R713, 395.00. I-A-Class iqala ku-R803 050 kuthi i-A3 ethuthukisiwe yona iqale ku-R808 200.
Ebesihamba ngayo yi-118 Pure Design. Ifika namalambu angamaLED, ukhakhayi olumnyama othi uma unganakile uzitshele ukuthi kune-sunroof kanti lutho. Amarimu angu-18 inch.
Ngaphakathi izinga liphezulu futhi kuvikelwe nemvelo selenziwa. Izihlalo zinesikhumba sokuzakhela abasibiza ngeVeganza.
Inqwaba yamabhathini yinto ewumlando ngoba izinto uzenxa kwi-touchscreen infotainment system ebukeka kahle futhi ehlangene ne-digital instrument cluster.
Igqame kahle futhi kulula ukuyisebenzisa. Uhlela khona amazinga okushisa, ubona khona inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Amabhathini abawashiyile angezansi ngasegiyeni elincanyana. Ngelokuyidumisa, elokususa inkungu kwi-windscreen ngaphambili nasewindini ngemuva, elokuveza ikhamera uma upaka,e lama-hazards nelokushintsha ama-drive modes. Ngiyakuthanda ukutthi inkinobho eyenza kube lula ukunciphisa nokunyusa umsindo isekhona.
Okunye engikuthandayo yizimbobo zokushaja ngaphambili nezimbili ngemuva ezihambisana nezokukhipha umoya we-aircon.
Yize iyimoto encane kodwa ngibone kuhlaleka ngemuva. Nesikhala ebhuthini asikhalisi nhlobo.
Okungakhalisi futhi yindlela ehamba ngayo emgwaqeni.
Uma ufunda phansi injini incane ngoba ingu-1.5 litre kaphethroli eyi-three cylinder. Iyithwala ngaphandle kwenkinga njengoba amandla engu-115kW ne-torque engu-230Nm kanti u-gearbox uyi-7 speed Steptronic.
Ibizwakala ingezweli nakakhulu emigwaqeni emibi. Nendlela yokuhlala ngisheshe ngayithola ngahlalela phansi umgwaqo ngawubuka kahle.
Kuphethroli ihambe iveza ukuthi idla 7.1l/100km futhi ngethangi ungahamba ngaphezulu kuka-700km.
Intengo:
BMW 118 Pure Design – R761, 895.00
Ifika neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 00km.
Related Topics: