Ezemidlalo Ezezimoto

Ibhekene nomqansa i-Audi A5 enentengo edlula izimbangi

Fanelesibonge Bengu|Published

I-AUDI A5 entsha ifika ngezinhlobo ezine ezahlukene

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: AUDI A5

NGIKHULA i-Audi RS 4 ingenye yezimoto ezaqinisa kakhulu uthando lwami lwezimoto.

Esikoleni sasihlale siphikisana njalo noCebo Mhlaba yena ehamba neBMW M3.

I-RS 4 (B7) yayinenjini engu-4.2l V8 ekhafula amandla angu-309kW ngaleso sikhathi engangiwabona ebabazeka. Empeleni namanje asemakhulu.

Iyohlala ingenza ngingayikhohlwa i-A4  okuthe uma sekumele kufike entsha kwa-Audi bashintsha bayibiza nge-A5.

I-A5 incintisana neBMW 3 Series kanjalo neMercedes-Benz C-Class.

Yisigaba sezimoto esingasadumile kakhulu kwazise amakhasimende asekhetha kakhulu amaSUV.

Amanye alamaSUV afika mihla namalanga asecishe abukeke efana futhi iningi lavela eChina anokuningi ababelana ngakho. Phela uthola ukuthi aphethwe yinkampani eyodwa kuphela kuhluke igama.

I-A5 yinhle futhi izinhlobo ezine abazilethile zifika zine-S line okuthi uma uthanda ukhethe iBlack Edition.

Ebesihamba ngayo ibinamaMatrix LED headlights nama-daytime running lights okwazi ukuwashintsha ukuthi akhanya kanjani.

Uma uyibuka ngohlangothi nakhona yinhle ngoba ithe ukuba yinde bangayenza yaphakama.

Amarimu bayigaxe angu-20 inch owengeza uma iphakethe livuma kanjalo namalambu angemuva angama-OLED.

Ngaphakathi ivuleke kahle yize ngemuva bebabili abangahlala kahle ngokukhululeka. Ophakathi nendawo kungamele avule imilenze ngoba iqumbile phansi.

Ngiyakuthanda kodwa ukuthi izihlalo zangemuva uyakwazi ukuzifudumeza, inezindawo zokukhipha umoya, izimbobo ezimbili zokushaja nge-USB futhi amawindi adimile.

Ibhuthi nayo inkulu inesikhala esingu-445 litres okuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-1 299l.

Yingaphambili kodwa lapho izinto zenzeka khona ngoba ineMMI touch display engu-14.5 inch ehlangene ne-Audi virtual cockpit (digital instrument cluster) engu-11.9 inch.

Kokubili kugqame kahle. Okuningi ukwenza kwiMMI touch display ngoba amabhathini ayinawo bashiya inkinobho yokunyusa nokunciphisa umsindo. Izipikha ngezeBang & Olufsen hhayi iSonos njengakwezinye izimoto zakwa-Audi.

UMA uthanda ufaka i-screen somgibeli ngaphambili kwi-Audi A5 entsha

Image: Fanelesibonge Bengu

Noma amabhathini engekho kodwa ukuhlela amazinga okushisa bakubeke obala kuyona i-touchsceen nokuyinto enhle.

Kuningi okwenza kuyona njengokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, uhlela khona imoto, ufudumeza izihlalo, ubuka ama-video nokunye.

Uma uthanda ufaka nesinye i-screen ngasohlangothini lomgibeli azibukele inkombandlela noma azichithele isizungu ngokudlala ama-video nokunye.

Ngesikhathi ezinye izimoto zakwaVolkswagen Group zibuyela kumabhathini akudala, kwi-A5 kufakwe lawa abanye ababekhala ngawo. Ayacwebezela futhi ukwazi ukuwasebenzisa ngokuhambisa umunwe phezu kwawo uma uthanda. Kukhona awokushintsha okubona kwi-instrument cluster nelokufudumeza isiteringi, ukukha phezulu.

Amanye amabhathini acwebezelayo ngawokukhanyisa amalambu, ukuhlela izibuko nezihlalo abekwe endaweni engajwayelekile, esicabheni somshayeli.

Isiyonke ngaphakathi izinga liphezulu kusetshenziswe izinto zeqophelo.

Uyakwazi nokufaka i-panoramic glass sunroof engavuleki ukuthi kungene umoya. Uma uciphiza ibhathini iba nethunzi elivala ukuthi kungene ilanga nokukhanya kwangaphandle nokuyinto okwazi ukuyishintsha ngalo futhi ibhathini. Uma uthanda uyakwazi ukwenza ukukhanya kungene kancane ngaphambili kuphela noma ngemuva.

Ingaphakathi lithule uma usuhamba emgwaqweni ngisho usunyusa isivinini.

Injini ingu-2.0l TSFI enamandla angu-146kW ne-torque engu-340Nm. U-gearbox uyi-7 speed S tronic oshintsha kahle.

Kuphethroli ibidla amalitha angu-9.4 ngo-100km. Yize kungeyona into embi kangakako kodwa kumele ukhumbule ukuthi kune-C220d ebatshazwa ngokonga ne-3 Series 20d.

Kwa-Audi bakhethe ukungayilethi i-A5 i-2.0 TDI enamandla angu-150kW.

Ezokuphepha bazibeke eqhulwini ngoba kuningi enakho nezinsiza zomshayeli. Kunesikhathi lapho ebibona sengathi ngisondela kakhulu emotweni ephambi kwami ngayizwa ikhipha umsindo oyisexwayiso ngezwa nebhande linginsinya.

Phela mina angikhishwanga inyoni ngisemncane manje indlela eyenze ngayo ingithusile ngavele ngakucima.

Yize izinga liphezulu kodwa sekuyiyona ebizayo uma uyiqhathanisa ne-3 Series ne-C-Class. Kusenezinto okumele uzengeze ngemali nokungenza abanye bathimule.

I-3 Series iqala ku-R913 730 kanti kwMercedes basanda kubuyekeza intengo ye-C-Class isiqala kuR940 656.

I-A5 yona iqala kuR1 123 000

Intengo:

  • Audi A5 Sedan TFSI 200 kW quattro Black Edition: R 1,281,800

Zonke zifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.