Ezemidlalo Ezezimoto

Ayimdingi umshayeli onewala iRenault Captur Esprit Alpine

Zwelakhe Ngcobo|Published

I-RENAULT Captur ithuthukiswe ngendlela yokuthi uma ungazi ungazitshela ukuthi yintsha sha

Image: Sithunyelwe

IMOTO: RENAULT CAPTUR

UKUHLONIPHA imithetho yomgwaqo kufanele ngabe sonke singabashayeli sikubeka eqhulwini ukuze sinciphise izingozi eNingizimu Afrika.

Lo mcabango ungifikele ngoMsombuluko, ngishushuluza ngeRenault Captur Esprit Alpine entsha ceke emajikeni aseHartbeespoort, akhele intaba iMagaliesburg, eNorth West.

Ukuvuma kweCaptur Esprit Alpine eyakhiwe eValladolid, eSpain, akuzange kuwuthonye umqondo wami, ngigcine ngithathe ngewala sengikhohlwa ukuthi bakhona abanye abashayeli abasemgwaqweni.

Ngisho noma sesiyifaka obhuqwini olumigodigodi sibheke eKrugersdorp, ayizange ibe nenkinga.

Eyokuqala iCaptur, eyakhiwa eFrance, itheleke kuleli ngo 2015, kanti idayise yadlula u-12 000. Phesheya kwezilwandle ithengwe ngabantu abangu-2 million.

Ngendlela eshibilika ngayo manje ungayiphikela ukuthi isadonsa ngenjini engu-1.3 litre turbo kaphethroli enamandla angu-113kW ne-torque engu-270Nm.

BAYAKHE kahle ngaphakathi iRenault Captur, kunezindawo zokubeka izinto nezokushaja ngemuva nangaphambili

Image: Sithunyelwe

Le njini ine-six speed dual-clutch transmission enikeza umfutho amasondo angaphambili.

Okuhle ngeCaptur Esprit Alpine wukuthi ngaphakathi konke kuphambi komshayeli. Ine-touchscreen infotainment ekhombe esibhakabhakeni engu-10.4 inch. Wenza okuningi kuyo njengokuhlela amazinga okushisa, ukudlala umsakazo nokushintsha ama-driving modes amane okuwuComfort, Eco, Perso noSport okwenza uphephuke emgwaqweni.

Ukuze uhlale usezintweni ukwazi nokuxhuma iselula nge-Android Auto ne-Apple CarPlay, ukushaja umakhalekhukwini kunezimbobo zokusebenzisa i-USB ngemuva nangaphambili.

Inezindawo zokubeka izigubhu zamanzi emuva. Nangaphambili kanjalo kunezimbobo ze-aircon eziwuthubelezisa kahle umoya kwabahleli phambili nasemuva.

Ngasohlangothini lwezokuphepha inama-airbag ayisikhombisa nendawo yokufaka isihlalo sikadado.

Izihlalo okwazi ukuzihambisa ngogesi zinesitishi esihle esenza zibukeke kahle. Zixube indwangu eyenziwe kabusha ngenhloso yokuvikela imvelo.

Ezangaphambili ziyafudumala.

Anginalo ungabazane lokuthi izintokazi nezinsizwa ezisazidlela ubusha bazo zizoyithanda ngenxa yokuthi ayinkulu, izokwenza ziyipake kalula uma zizikhiphile ziyojuxuza.

Akusiyona eyomndeni omkhulu. Ngemuva ihlalisa kahle abantu ababili.

Iyimoto ebukekayo nongeke uyishalazele ukuyibuka ngisho ipakwe nezimoto ezikhiqizwa eChina, ezingenisile emakethe yaseNingizimu Afrika.

Ngendlela ethatha amehlo ngayo awukwazi ukuyiqhathanisa neyango-2023.

Ingaphambili layo lenza ukuthi amehlo akho angasuki kuyo. Uyabona ukuthi abayakha bayidlela ugebhezi, abaxhamazelanga.

I-CAPTUR entsha ikhanyisa ngamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva

Image: Sithunyelwe

Ngaphambili nangemuva igqize ngamalambu eLED amelana nazo zonke izimo zezulu esiphila ngaphansi kwazo. Ishaya ngamarimu angu-17 no-19 inch (Elixir alloy wheels)

Ngemuva idlisa ngophawu oluyibeka kwelinye izinga nolukwenza ubone ukuthi uRenault uzimisele ukubhincisela nxanye izimbangi zalo ezinjengo-VW T-Cross, Hyundai Creta, Peugeot 2008, VW Taigo ne-GAC GS3 Emzoom esiyehlisile intengo yayo ukuze ihehe amakhasimende.

Ibhuthi ingu-616 litres engaba nesikhala esingu-1,596 litres uma izihlalo zangemuva zilalisiwe.

Okunye okukhona kule moto yi-cruise control, speed limiter, insiza yokubona uma kukhona imoto eseduze ne-hill start assist.

Akulula ukuyiklwebha ngoba inezinsiza zokupaka namakhamera angu-360 degree akucacisela bha uma uhlehla.

Imibala etholakala kule moto kanokusho yi-Artic White, Flame Red, Iron Blue, Oyster Grey neNew Urban Grey.

Intengo:

Renault Captur 1.3l Esprit Alpine - R614, 999

Renault Capture 1.3l  Techno - R515,999

Renault Captur 1.3l Iconic - R544, 999

Ifika ne-mechanical warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km.