I-RENAULT Triber ethuthukisiwe ishintshwe kakhulu ngaphambili kwi-grille lapho kufakwe khona nophawu olusha lakwaRenault
Image: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: RENUALT TRIBER
UFIKILE uDisemba abanye sebebala izinsuku ngaphambi kokuthi bahlabe ikhefu, uma bengekho kulona kumanje.
ITheku lingelinye lamadolobha aselungiselela ukwamukela izivakashi. Uma ungakaze uze, awuthi ngikubalele izinto ezimbalwa ongalindela ukuzibona.
ITheku laziwa ngolwandle ngakho nakanjani uzolubona. Kunenkundla yebhola enkulukazi iMoses Mabhida Stadium, iShaka Marine World nezindawo ezishaya ngenyama eyehla esiphundu ezisemalokishini.
Ungathuki kodwa uma uqaphela emgwaqweni ubona sengathi amaRenault Triber andile. Awudidwa amehlo, iTheku lingelinye lamadolobha lapho ithandwa khona kakhulu ngabasebhizinisini lokuthutha abantu kanjalo nemindeni.
Kusuka yethulwa ngo-2020 ihehe abaningi ngenxa yentengo yayo ephansi uma uyiqhathanisa nezimbangi nokuthi ilayisha abagibeli abayisikhombisa.
Side isikhathi ikhona nokuyinto abese beyibona kwaRenault beletha ethuthukisiwe.
Ilandele iDuster ngokufika nophawu olusha lakwaRenault.
Bayishintshe ngaphambili kwi-grille emnyama nakubhampa ngezansi. Amalambu angamaLED projector headlamps anamaLED daytime running lights futhi ngezansi kunama-fog lights nawo angamaLED. Amalambu ayazikhanyisa uma selizilahla kunina noma ungena endaweni emnyama.
Nangemuva amalambu angamaLED futhi ubhampa wenziwe kabusha.
Amasondo anamakhava angu-15 inch abukeka kahle bese okhakhayini ibe nama-roof rails angewona umhlobiso kodwa akwazi ukuthwala isisindo esingu-50kg.
KUMELE ube wumuntu ohlanzekile uma uhamba ngeRenault Triber ngoba iyashesha ukuveza ukungcola
Image: Fanelesibonge Bengu
Ngingena kangaphakathi okungifikele kuqala wukuthi kumele ube wumuntu ongabambi mshini uma ufuna ihlale ihlanzekile ngoba kulula ukuthi isheshe ingcole.
Izihlalo, yi-centre console, okhakhayini nakwi-dashboard kunombala ongathi u-beige ukungcola ongakwazi nhlobo ukukufihla.
Kodwa uyenza ibukeke kahle nengaphambili elenziwe kabusha lihlale obala.
Kune-touchscreen infotainment system engu-8 inch. Ngiyakuthanda ukuthi bengikwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo (uyakwazi nange-Android Auto).
Obekungijabulisa wukuthi ishaja yami iyi-USB Type-C kanti lapha kunembobo ejwayelekile ngakho bekudinga ukuthi ngibe ne-adaptor.
Ukushaja kodwa bekungeyona inkinga ngoba ikhona indawo yokukwenza ngaphandle kwentambo.
Ngiyakuthanda ukuthi kunezinkinombo zokuhlela amazinga okushisa awukwenzi kwi-touchscreen. Ngingaze ngikhohlwe, kwi-screen yilapho futhi ubona khona nengemuva uma uhlehla njengoba inekhamera ngaphandle. Namathuba okushayisa mancane ngoba ikhamera ilekelelwa ngama-sensor ngemuva nangaphambili.
Okunye enakho wukuthi amawindi nezibuko kuhlelwa ngogesi, idunyiswa ngebhathini futhi phakathi nendawo ngaphambili inendawo yokubeka isiphuzo bese ikhipha umoya obandayo.
Umoya we-aircon nabagibeli bangemuva bayakwazi ukuwuthola ngoba kunezimbobo okhakhayini.
Angazi ukuthi bakhohlwe kanjani wukufaka ezinye izindawo zokushaja nge-USB ngemuva kunalokho benza izimbobo ze-12V. Ngiyakuthanda kodwa ukuthi izihlalo zaphakathi nendawo uyakwazi ukuzisa phambili uma uthanda ukuze abakwezokugcina bengampintsheki kakhulu emadolweni.
Lapho abangayishintshanga khona iTriber yingaphansi kwebhonethi.
Bengingathanda ukuthi baboleke noma yinjini yeKiger engu-1.0 litre turbo kodwa mhlawumbe ukubona ukuthi angaphezu kuka-30 000 asedayiswe kuleli, kubavezele ukuthi abantu bayithanda nayo injini yayo yakudala.
Ingu-1.0l engeneyo i-turbo. Inamandla angu-52kW ne-torque engu-96Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual.
Kungithathe isikhashana ukuthi ngijwayele ukuyishayela. Ngizwe i-clutch sengathi yinde ngihluleka ukubhalansisa kahle igcine ingixukuza uma ngishintsha amagiya.
Ngokuhamba kwesikhathi bese ngivele ngiyidedele yonke uma ngiqeda ukufaka igiya bese kuyima nginyathela amafutha ngabona omkhulu umehluko.
Uma uzihambela edolobheni ngeke ukunake ukuthi amandla ayimbijana kuze kuba kumele unyuke izintaba. Kumele uthathe igazi ulibeke phansi ungafuni ukulwa nentaba kodwa uyishaye ngesineke.
Bekungaba kuhle ukuthi uma usuka endaweni enyukelayo izibambe yona ukuthi ingahlehli nokuqinisa ukuphepha.
Lokho akusho ukuthi ayiphephile ngoba inama-airbag ayisithupha ngaphakathi, iyasho uma umoya wehla emasondweni iphinde ibe ne-Electronic Brake-force Distribution nokunye.
Isikhathi esiningi ngisichithe edolobheni ngayo ngayibona iveza ukuthi kuphethroli idla 8.4l/100km.
Ngiyibona isazoqhubeka nokuheha kumakhasimende ikakhulukazi ngentengo yayo.
Uma ubheka nje, iSuzuki Ertiga elayisha abagibeli abayisikhombisa intengo yayo iqala kuR299 900 yize ithe ukuba nkudlwana.
Intengo:
New Renault Triber Iconic MT - R 249 999
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.
Related Topics: