I-OPEL Grandland ifika iphelele njengoba kungekho okwengezayo uma uyithenga
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: OPEL GRANDLAND
UKWANDA kwezinkampani ezingenisa eNingizimu Afrika kugcina kwenza ukuthi ezinye zingasheshi ukufika emqondweni.
Yizizathu ezahlukene ezenza lokho okungaba wukungakhiphi njalo izimoto ezintsha, ungabi nezimoto eziningi noma ukungazikhangisi ngamandla.
Kuqala i-Opel yayidume kakhulu ngezimoto ongabala kuzo iCorsa okwaze kwenziwa neyiveni eyabe liyintandokazi.
Nokho njengoba iminyaka iqhubeka, lelo dumela kalisafani. Lokho kufakazelwa wukuthi inkampani engaphansi eyengamele enezinye kuyona, iStellantis, idayisa izimoto ezingaphansi kwenkulungwane ngenyanga kuleli.
Lokho akusho ukuthi izinga lezimoto lehlile.
Bheka ngoba ezinyangeni ezedlule bethule iGrandland entsha othi uma usungene kuyo ubone ukuthi kumele ngabe idlisela eziningi ogageni kodwa ngoba umbango ushubile, kungaba nzima.
Mhlawumbe okubuye kuyishaye wukuthi kunenhlobo eyodwa ekhona okuyiGS Line kuphela.
Akufani nezimbangi ongabala kuzo iHyundai Tucson, Haval H6, VW Tiguan, Kia Sportage nezinye ezibuye zibe nezinhlobo ezahlukene.
Nezinjini izimbangi zinezinhlobo ezahlukene kodwa kwiGrandland iyodwa.
Ingu-1.6 litre turbocharged kaphethroli enamandla angu-134kW ne-torque engu-240Nm. U-gearbox uyi-6 speed automatic futhi idonsa ngamasondo angaphambili.
U-gearbox ubuye ube nakho ukungashintshi kahle kwezinye izikhawu kodwa akuyona into engaze ikwenze uyidube. Amandla ngiwezwe enele njengoba kungeyona imoto yejubane kodwa kungeyokuhamba nomndeni ngokukhululeka nangokuphepha.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-11.1 ngo-100km ethangini elingu-55l. Kubo kwayo bathi idla angu-7.0 yehlele ku-5.3l/100km emigwaqweni evulekile okuyinto egcine ingenzekanga.
Yilapho izimbangi ezifana neTucson kadizili ziwina khona ngoba ngihamba ngayo yayidla 7.5l/100km.
Engikuthanda ngeGrandland yizinsiza zomshayeli nezokuphepha abazifakile. Kune-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni, ifunda izimpawu zomgwaqo nokunye.
Nokuthatha uhambo olude bekunganqenisi ngoba izihlalo zangaphambili ziyakuwotawota.
Empeleni zonke zintofontofo futhi inesikhala esanele kahle abagibeli abayisihlanu.
I-wheelbase yayo engu-2 748mm iyenza icishe ilingane neyeTucson, Jetour Dashing, Gac Emkoo, Beijing X55 nezinye.
Njengoba isinkulu kunendawo nesikhala ebhuthini evuleka ngogesi basenyusile saba ngu-550 litres.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system egqamile. Ikuvezela ingaphandle lemoto ngamakhamera, uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto, udlala umsakazo nokunye.
Iphinde ibe ne-digital instrument cluster ne-head-up display. Ngingakucebisa ngokuthi uzinike isikhathi esincane sokuyifunda kahle ngaphambi kokuthi usuke ngoba okunye kungakudida.
Phezulu ine-panoramic sunroof, izihlalo zangemuva ziyafudumala, izimbobo zokushaja nge-USB ngemuva ne-ambient lighting.
Ngaphandle iyabukeka, ishaya ngophawu lwakwa-Opel olukhanyayo ngaphambili kanjalo nombhalo ngemuva.
Amalambu ekhanyisa ngawo ngaphambili masha abizwa ngama-Intelli-Lux Pixel Matrix HD abathi akhanya kube yisemini ebusuku ebe engabaxhophi abanye abashayeli.
Ubuhle bupheleliswa amarimu angu-19 inch.
Yinhle iqedile iGrandland futhi kuhle ukuthi ifika iphelele akukho okwengezela imali kodwa ungabi nezinhlobo ongakhetha kuzo kungase kuyiphazamise.
Intengo:
The Opel Grandland GS Line 1,6T AT - R789,900.00
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neRoadside Assistance, anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12 ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.
Related Topics: