NGEKE udideke ukuthi yiToyota Fortuner GR-S lena ngoba iqoshwe kuzo zonke izinhlangothi nangaphambili nangemuva
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: TOYOTA FORTUNER GR-SPORT
ITOYOTA isematheni kulezi zinsuku emuva kokuvula isonto ngokwethula iHilux entsha elindeleke eNingizimu Afrika, ngonyaka ozayo.
Ukuvezwa kwayo kusho ukuthi ayisekude neFortuner entsha njengoba isuselwe kuyo.
Njengoba umfundisi elindwa ngeculo, kwaToyota eNingizimu Afrika ilindwe ngeFortuner GR-Sport yokuqala ngqa efike ezinyangeni ezedlule. Ngingasho ukuthi yingoma emnandi ngoba noma inakho lapho eshoda khona kodwa izinga liphezulu.
KwiHilux, iGR-S iqale ukuba khona ngo-2019, ngesikhathi kwethulwa neLegend 50 njengoba sekukhona eyesithathu njengamanje.
Izinguquko azigcini ngaphandle endleleni ebukeka ngayo kuphela uma isithintwe ngabakwaToyota Gazoo Racing kodwa nasemathunjini bathe ukuyithi.
Ngingomunye wabayithandayo ngendlela ebukeka ngayo. Ngike ngazibeka eduze ne-Isuzu MU-X Onyx XT inhliziyo yami yathathwa yiFortuner.
Ngichazwa yindlela amaLED daytime running lights akhanya ngayo nokuyenza ihehe amehlo uma iqhamuka noma uyijeqeza esibukweni ngemuva ikulandela.
Emzimbeni itholakala ngombala omhlophe nomnyama kuphela futhi ebesihamba ngayo ibimhlophe.
Bonke ubuhle bayo buhlala obala kuhle kwezinqa zesele.
Wumbala omesha kahle ne-grille ngaphambili abayishinshile futhi emnyama, i-spoiler esimnyama, yikubhampa ngezansi ohlukile nalapho kuhlala khona ama-fog lamps nakhona okumnyama.
Amarimu angu-18-inch nawo mahle amnyama amesha amakhava ezibuko, isitebhisi sokugibela nama-roof rails.
Amawindi angemuva adimile abagibeli ngeke ubabone. Ngemuva bayifake i-diffuser emnyama ephelelisa ubuhle bayo.
KwaToyota benze isiqiniseko sokuthi awukhohlwa ukuthi yi-GR-S ngoba amabheji bawafake yonke indawo kusuka ngaphambili, ezinhlangothini kuze kuyoshaya ngemuva.
Vula isicabha ubingelelwa yingaphakathi elimnyama sucu elidle ngezitishi ezibomvu nokuyenza ibe-sporty. Okunye okuyenza sporty ngama-pedal shifters emuva kwesiteringi nama-pedal ezinyaweni okucwebezelayo.
Izihlalo zihlanganise isikhumba ne-suede.
Kukancane nakhona ukukhohlwa ukuthi yiGR-S ngoba iqoshwe ezindaweni eziningi.
Ngaphambilini yilapho ikuceba khona ukuthi isikhathi sesihambile ngoba inomgxusha wegiya kanjalo ne-handbrake. Igiya ngiyakuthanda ukuthi uyakwazi ukulikhiya linganyakazi nokuqinisa ezokuphepha.
Inakho kodwa okubalulekile njenge-touchscreen infotainment system odlala kuyo umsakazo ngezipikha zeJBL.
Uxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay. Imbobo yokushaja ngaphambili iyodwa futhi ayikho indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nokungezinye zezinto eziveza khona belu ubudala.
Zikhona kodwa ezimbili ngemuva kanjalo nembobo ye-twin plug.
Ngemuva isikhala sikahle futhi kulula nokulalisa izihlalo abagibeli abaya kwezokugcina bangene kalula.
Izihlalo zokugcina nokuzigoqa kulula kodwa kuyasithatha isikhala ukuthi azilali mba phansi, kunalokho zivaleka zime ezinhlangothini.
Ngesikhathi sengiyisusa okokuqala engikuqaphelile wukusinda kwesiteringi. Ngeke uze uyifanise ne-MU-X khona esithambile.
Amandla yinto enawo njengoba inenjini engu-2.8 litre turbo kadizili eno-gearbox oyi-6 speed auto. Asenyusiwe angu-165kW ne-torque engu-550Nm.
Iyasukuma impela isheshe ingene ejubaneni. Angiphathi khona uma uke wayifaka kuSport, iyayicela indlela. Amanye ama-drive modes akhona u-Eco uma ufuna ukonga no-Norm. Kudizili ibidla amalitha angu-9.0 ngo-100km.
Njengoba i-suspension beyishintshile nje, ngiyizwe ibambelela kangcono emakhoneni nasobhuqwini.
Etiyeleni iMU-X ngayizwa ithe ukuba ntofontofo kangcono.
Obhuqwini inakho konke okudingayo njengokuthi uyenze idonse ngawo womane amasondo, diff lock ne-hill descent control. Amathuba okushayisa mancane futhi ngoba inamakhamera aveza wonke umzimba ngaphandle.
Iphinde ibe nezinsiza zomshayeli emgwaqweni njengokuthi ikubuyise emzileni uma uphuma noma ikwenza ngamandla kancane njengoba ivele ibhrike kwamanye amasondo ukuze izojika. Okunye enakho yi-Adaptive Cruise Control.
E-Australia kubikwe ukuthi ngeke isadayisa iFortuner ngoba ayithengwa, kunalokho kudayisa kakhulu izimbangi njengeMU-X neMitsubishi Pajero Sport.
Lapha eMzansi kungaba yiphutha uma kungagcine kufika lapho ngoba noma isindala kodwa kuningi okuthandekayo ngayo.
Intengo:
Toyota Fortuner 2.8 GD-6 4×4 GR Sport - R999 000
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalombili noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.
Related Topics: