Ezemidlalo Ezezimoto

Zizohlolwa ukuphepha mahhala ezakwa-Omoda neJaecoo

Fanelesibonge Bengu|Published

Abashayeli bezimoto akwa-Omoda & Jaecoo South Africa bazohlolelwa zona mahhala ukuthi zikulungele yini ukuhamba ngamaholidi kaDisemba

Image: Sithunyelwe

BAZOHLOLELWA ezokuphepha ezimotweni mahhala abanikazi bezakwa-Omoda & Jaecoo South Africa ukuzilungiselela ukuthatha izinkambo ezinde ngamaholidi.

Le nkampani ithe lokhu kuhlola kuzothatha imizuzu engu-15 futhi kwenziwa ngongoti emagaraji abo.

Ithe kuhloswe ngakho ukuthi zisheshe zitholakale izinkinga okungenzeka ukuba zikhona ezimotweni nokuzonciphisa amathuba okuthi zifele umnikazi esephakathi nohambo olude.

Kuzohlolwa izinto ezibalulekile okubalwa kuzo amathayi, amabhreki, amalambu, ama-wiper, isimo sebhethri nakho konke okuwuketshezi okudingwa yimoto.

"Uma kukhona into edinga ukulungiswa, amakhasimende azokwaziswa ngaleso sikhathi ukuze ezokwazi ukuthatha isinqumo ngaphambi kohambo."

Imenenja yezokumaketha kwa-Omoda & Jaecoo South Africa, uShannon Gahagan ithe abantu baseNingizimu Afrika bayawuthanda umgwaqo ovulekile.

"Kungabe ukuvakashela ezindaweni ezigudle ulwandle, ukuvakashela umndeni noma ukuzikhipha nabangani. Njengoba abaningi bethu bezohamba amabanga amade ngalesi sikhathi sonyaka, kubalulekile ukuthi konke kuqale ngokuzethemba. Ukuhlola kwethu mahhala izimoto kuqinisekisa amakhasimende ukuthi izimoto zawo zilulungele uhambo oluzayo," kusho uShannon.