IKia Sportage idinga ukuyoshintshwa i-fuse ye-ABS engase iholele ekutheni ithathe ibanga ukuma
Image: Sithunyelwe
INational Consumer Commission (NCC) ikhiphe isimemezelo kubanikazi bezimoto zakwaJeep nezakwaKia ukuthi baziphuthumise emagaraji emuva kokutholakala kwezinkinga ezahlukene.
Izimoto zakwaKia ezithintekayo ngamaSportage (SL neKM), Soul (AM), Sorento (XM), Optima (TF) namaCerato (TD) sezizonke ezingu-18 600.
Zidayise phakathi kweminyaka u-2009 no-2015. KwaKia batshele iNCC ukuthi kumele ziyoshintshwa i-fuse yamabhreki i-Anti-lock Braking System (ABS).
"Le nkinga ingaholela ekutheni i-ABS ingasebenzi kahle okunganyusa ibanga imoto elithathayo ukuma nse, kokunye kuholele ekutheni kufe lapho kuhlala khona injini."
Kwa-Jeep, engaphansi kweStellantis South Africa, bathe bafuna kubuyiswe amaWrangler angu-323 adayiswe phakathi kuka-2016 no-2018.
Kutholakale ukuthi izintuli kwi-clockspring zingaphazamisa i-airbag circuit bese kuholela ukuthi kuvele ilambu elixwayisa nge-airbag noma ingaphumi nhlobo ngasohlangothini lomshayeli uma imoto ishayisa.
I-NCC inxuse abanikazi ukuthi bakuthathele phezulu lokhu futhi bahlele namagaraji agunyaziwe ukuthi kuyohlolwa izimoto zabo ziphinde zilungiswe ukuze beqinisekise ukuphepha.
Abanikazi ngeke bakhokhe.
Related Topics: