Ezemidlalo Ezezimoto

I-AA ikhala ngezinga lokuphepha kwiHyundai Grand i10

Fanelesibonge Bengu|Published

IHyundai Grand i10 edayiswa eNingizimu Afrika

Image: Sithunyelwe

I-Automobile Association (AA) ayeneme ngokuphepha kweHyundai Grand i10 edayiswa eNingizimu Afrika kulandela ukufeyila kwayo ngesikhathi ihlolwa ngabeGlobal NCAP ngaphansi komkhankaso i-#SaferCarsForAfrica.

IGrand i10 kuthiwa ithole iqanda ngesikhathi ihlolwa ukuvikela kwayo abagibeli abadala ngaphakathi yize yathola ezintathu ngokuvikela izingane.

“Le miphumela ikhombisa isimo esingamukelekile ngezinga lokuphepha elitholwa ngabadala kule nhlobo edayisa e-Afrika okubalwa naseNingizimu Afrika,” kusho i-AA.

IGrand i10 yakhiwa e-India. Ifika nama-airbag amabili omshayeli nomgibeli wangaphambili. Ayinayo i-Electronic Stability Control elekelela ukuthi imoto ingasheleli kodwa iye lapho umshayeli efuna khona.

Isikhulu sakwa-AA, uBobby Ramagwede sithe le miphumela iyakhathaza futhi ikhombisa umkhuba oqhubekayo lapho izimoto ezidayisa e-Afrika zingekho ezingeni elifana nakwezinye izindawo.

“Abashayeli baseNingizimu Afrika bafanelwe okungcono.”

Uthe akukho moto okumele idayiswe kuleli ngaphandle kwe-Electronic Stability Control (ESC) nokokuvukela abagibeli ezinhlangothini.

Kuvele ukuthi iGrand i10 iyahluleka ukuvikela umshayeli esifubeni uma ishayisa ngaphambili. Uma ishayisa ngasohlangothini abaphakathi bangafa ngenxa yokulimala.

Kutholwe ukuthi umzimba nangasezinyaweni ayiqinile kahle. Ayinakho okokuvikela umzimba nekhanda futhi ikhumbuza kuphela umshayeli uma engalifasile ibhande nokushiya abanye abagibeli bengaphephile.

Ukungabi nayo ne-ESC kuhlatshiwe emotweni yesimanje.