Ezemidlalo Ezezimoto

Ishintshwe yengezwa nezokuphepha iToyota Rumion

Fanelesibonge Bengu|Published

IToyota Rumion eyafika izovala isikhala se-Avanza

Image: Sithunyelwe

IMOTO: TOYOTA RUMION

KWATOYOTA South Africa Motors (Tsam) sebethuthukise iRumion abayethula okokokuqala ngo-Okthoba ka-2021.

I-Rumion, esuselwe kwiSuzuki Ertiga, yafika izovala isikhala se-Avanza eyahoxiswa.

Ibukeka yamukelwa kahle kangangokuba abanye bayithenga bayishune bancintisane ngayo lapho kukhangiswa khona ngobuhle nangenhlanzeko yezimoto ebizwa ngomdlalo wamanzi.

Ithuthukiswe ezokuphepha ngokushitshwa ama-seatbelt nama-airbag iToyota Rumion

Image: Sithunyelwe

Izinguquko abazenzile ziqala ngaphandle lapho bethe ukuyinweba okhakhayini baphinde bayivula kancane nasezinhlangothini.

Ngemuva baphinde bayenza kabusha ubhampa kanjalo namalambu. Zonke izinhlobo sezifika ne-spoiler ngemuva.

Ngaphakathi ezihlalweni zaphakathi nendawo bengeze izimbobo zokushaja nge-USB u-Type-C.

Zonke izinhlobo zamaToyota Rumion sezifika nama-spoiler ngemuva

Image: Sithunyelwe

KwiTX khona zifakwe ezihlalweni zaphakathi nendawo nakwezokugcina ngemuva.

Akuzona kuphela izinguquko abazenzile ngoba baphinde bathuthukisa ezokuphepha. Zonke izinhlobo sezifika nama-airbag nama-curtain airbag. Ezihlalweni zaphakathi nendawo kushintshwe ama-seatbelt aba yithree-point. Kuphinde kwengezwa nama-headrest ezihlalweni zangemuva.

Injini abayishintshanga bakhetha ukuqhubeka nengu-1.5 litre kaphethroli. Inamandla angu77kW ne-torque enngu-138Nm. Ukhetha phakathi kuka-gearbox oyi-5 speed manual okanye oyi-4 speed automatic.

Intengo:

Rumion 1.5 S MT: R307 900

Rumion 1.5 SX MT: R353 800

Rumion 1.5 SX AT: R373 400

Rumion 1.5 TX MT: R383 000

Rumion 1.5 TX MT: R403 600

Ifika ne-service plan yamasevisi amane noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.