IToyota idayise izimoto ezingaphezu kuka-13 000 ngoNovemba
Image: Sithunyelwe
UKWEHLA kwentengo kaphethroli, ukunyuka kwamandla emali nenzalo yemalimboleko ngezinye zezinto i-naamsa ezibone njengezibe nomthelela omuhle ekunyukeni kwesibalo sezimoto ezidayiswe ngoNovemba.
NgoNovemba kube yinyanga yesihlanu kulandelana kudayisa izimoto ezingaphezulu kuka-50 000 ngenyanga eyodwa.
I-naamsa ithe zibe ngu-54 896 izimoto ezidayisiwe nokuyisibalo esinyuke ngo-6 113 noma u-12.5% uma kuqhathaniswa noNovemba wango-2025.
Lokhu kwenze izibalo zonyaka zanyuka ngo-15.4% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
I-naamsa iveze ukuthi izimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli zibe ngu-35 848. Zehle ngo-1 437 noma u-3.9% uma kuqhathaniswa noNovemba nyakenye. Yize kunjalo kodwa selokhu kuqale unyaka isibalo sinyuke ngo-5.6% uma kuqhathaniswa noJanuwari kuya kuNovemba nyakenye.
Nazi izinkampani ezidayise kakhulu:
1. Toyota - 13 576
2. Suzuki Auto - 6 385
3. Volkswagen Group SA - 6 044
4. Ford Motor Company - 3 095
5. Hyundai Auto SA - 3 051
6. GWM SA - 2 534
7. Chery Auto SA - 2 506
8. Isuzu Motors SA - 2 124
9. Kia SA - 1 828
10. Renault - 1 415
11. Omoda and Jaecoo SA - 1 408
12. Mahindra - 1 403
13. Nissan - 1 330
14. BMW Group - 1 251
15. Jetour SA - 1 235