KUDAYISWE amaToyota Hilux amasha angu-3 533 eNingizimu Afrika ngo-Okthoba
Image: SITHUNYELWE
KUTUSWA ukuqina kwamandla erandi nokwehla kwentengo kaphethroli njengezinye zezimbangela zokuthi kulokhu kuqhubeka zinyanga zonke ukudayisa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika.
Ngokwezibalo ze-naamsa zango-Okthoba, isibalo sokudayiswa kwezimoto ezintsha sifinyelele kokwagcina ukwenzeka eminyakeni engu-10 eyedlule.
Kudayiswe izimoto ezingu-55 956 okuyinto eyagcinwa ngoMashi 2015.
Lesi yisibalo esinyuke ngo-16% uma kuqhathaniswa nezangoSepthemba. Empeleni ngo-Okthoba kube yinyanga yesithathu kulandelana ukuthi kudayiswe izimoto ezingaphezulu kuka-50 000.
Kuzona zonke izimoto ezingu-55 956 ezidayisiwe, ezingu-39 610 kube ngezincane, ezingu-13 361 kube ngezokuthutha impahla namaveni kwathi amaloli aphakathi nendawo aba ngu-809. Amaloli amakhulu namabhasi abe ngu-2 176.
Isibalo sezimoto ezikhiqizwe kuleli zadayiswa ngaphandle sibe wu-32 659.
ULebo Gaoaketse okhulumela iWesBank uthe ukuqina kwerandi nokwehla kwentengo kaphethroli kwenza ubunikazi bemoto bube yinto abaningi abakwaziyo ukumelana nayo.
“Ukufuna izimoto kuphezulu kodwa indlela abantu abathenga ngayo isishintshile. Abantu bangena emagaraji bephethe okokubala ngezandla. Kuphelile ukuthenga ngenjabulo kodwa sekuya ngokuhlakanipha nokuthatha izinqumo ezihambisana nokuhlelela imali isikhathi eside,” kusho uGaoaketse.
Ufakazelwe wusihlalo wenhlangano yabadayisi iNational Automobile Dealers’ Association (Nada), uBrandon Cohen, othe lezi zibalo zingaphezu kwabebezilindele.
“Ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko okwenzeke ngasekuqaleni konyaka, ukwehla kwentengo kaphethroli nokuqina kwamandla erandi eselihweba emalini elinganiselwa kuR17.30 uma liqhathaniswa nedola kusizile ukwenza abantu bakwazi ukuthenga,” kusho uCohen.
IToyota iqhubekile nokuzihola phambili kuthengwa izimoto ezingu- 13 559.
IHilux iyona edayise kakhulu (3 533) kulandela iCorolla Cross (1 615), Urban Cruiser (1 360), Vitz (1 200), Starlet Cross (1 011), neHiace Taxi (617).
ISuzuki esendaweni yesibili ijabulele ukwephula irekhodi layo lokudayisa kakhulu ngenyanga eyodwa kuthengwa izimoto ezingu-6 890. Elaphambilini kwakungu-6 534.
ISwift iyona ethengwe kakhulu (2 377), Fronx (1 369), Baleno (596), Ertiga (521) neDzire (409).
Uhla lwezinkampani ezidayise kakhulu:
Toyota – 13 559
Suzuki Auto – 6 890
Volkswagen Group SA – 6 221
Hyundai Automotive South Africa – 3 017
Ford Motor Company – 2 946
GWM SA – 2 805
Isuzu Motors South Africa – 2 784
Chery Auto South Africa – 2 210
Kia South Africa – 1 808
Mahindra – 1 551
Renault – 1 446
Nissan – 1 360
Omoda and Jaecoo South Africa – 1 311
BMW Group – 1 306
Stellantis - 921
Related Topics: