Ezemidlalo Ezezimoto

KwaFord babuyekeza uhla lwezinjini kumaRanger nama-Everest

Fanelesibonge Bengu|Published

KWAFORD bazokwethula injini entsha i-2.3l EcoBoost kaphethroli kwiRanger ne-Everest ngonyaka ozayo

Image: Sithunyelwe

KWAFORD  babuyekeza uhla lwezinjini kumaRanger ne-Everest ngokwethulwa entsha engu-2.3 litre EcoBoost kaphethroli.

Bathi engu-2.0l Bi-Turbo kadizili kuzoqedwa ezinawo bese ingabe isatholakala.

Le njini inamandla angu-154kW futhi isebenza ngo-gearbox oyi-10 speed auto.

Injini entsha kaphethroli izofakwa kwiRanger ne-Everest. Iyi-4-cylinder ene-turbo futhi ikhafula amandla angu-222kW ne-torque engu-452Nm.

KwaVolkswagen, basanda kuyethula kwi-Amarok kwazise yona neRanger zakhiwa ndawonye.

Le njini iphinde isebenze nakwezinye izimoto zakwaFord emhlabeni jikelele futhi izofakwa u-gearbox oyi-10 speed automatic.

Injini engu-2.0l turbo kadizili bayithuthukisile ngokufaka i-timing chain entsha ukuze ihlale isikhathi eside namandla. Baphinde bathuthukisa no-gearbox wayo oyi-10 speed automatic.

Isizotholakala kwiXL neXLT.

Injini kadizili engu-3.0l V6 turbo bathi isizotholakala nakwezinye izinhlobo zamaRanger nama-Everest.

Imininingwane egcwele kulindeleke ukuthi idalulwe uma sezethulwa ekuqaleni konyaka ozayo.